I-EX KA ‘TSHIDI’ ITHI WAYEDEDELA ISIBUMBU KWABASE NIGERIA MAYEFUNA IZIDAKAMIZWA
USEPHENDUKE uvovo liyakhipha owayeshade nobengumlingisi we-Generations: The Legacy, uLetoya Makhene. ULebo Pumulo-Makhene obeshade nalo mlingisi obedlala indawo kaTshidi ku-Generations: The Legacy ukhipha onke amahlazo abezenzeka ngesikhathi laba bobabili besanobudlelwano.
Ekhuluma ohlelweni lwe-podcast oluthi Engineer Your Life with Lungelo KM, uLebo uthe uLetoya uke wamcela ukuba ayovula icala lokudlwengulwa emuva kokuba wenza ucansi nendoda yaseNigeria ngoba efuna imnike isidakamizwa i-cocaine. “Lokhu kwenzeka unkosikazi wale ndoda ayenza nayo ucansi endlini yangasese eyilinde emotweni. Lona wesifazane uyamazi, wayesanda kumduduza nje ukuthi ubudlelwane bethu buzolunga. Kodwa wayesefuna ukuvulela umyeni wakhe icala lokudlwengula.
“Wathuma mina ukuthi ngiyovulela lo baba icala, nganqaba. Kuthe ngokuhamba kwesikhathi wazikhulumela yena ukuthi le ndoda imcele ukuthi benze ucansi ukuze imnike i-cocaine“, kusho uLebo.
Eqhubeka uthe uLetoya usemcele amahlandla amane ukuthi amsize avulele icala lokudlwengulwa amadoda awaziyo [uLebo] abelala nawo [uLetoya].
Ekhuluma kule-podcast uthe uLetoya ubeke abuye endlini edakwe enya amaphepha, amphoqe ukuthi amshayele isigubhu yena ebe egida. “Lapho uthole ukuthi angikwazi kwakushaya sigubhu mina, kodwa bengipatanisa”, kusho yena.
Uthe nakhona ukuthi uyisangoma uyafosa nje. “Lo muntu ubekhokhisa amathwasa akhe imali engu-R50 000 ukuwathwasisa, bese kuba u-R20 000 ukuhlola”, kusho uLebo.
“Kwezinye izikhathi ubeke angishayise isigubhu uma amathwasa akhe egida ngoba yena besuke edakiwe. Kokunye ubengibhalisa umuthi awusebenzisa kumathwasa akhe bese engivusa ngovivi, engithuma ngabo-3 ezintatha ukuthi ngiyothenga umuthi ezimakethe”, kusho yena. Uthe wagcina engenazwi kulo mshado wabo ngoba eshade nosaziwayo.
Echaza kulolu hlelo lukaLungelo KM uthe uLetoya ubeke ehlukumeze abantu abethandana nabo phambi kwakhe, abuke ekwenza lokho kungekho angabasiza ngakho. Uthe kwayena uke wambhaxa ngoNtulikazi ethi akamsuse imiyeko adume ngayo esekhanda lakhe. “ULetoya ungishaye amahlandla amathathu, kuthe esezama okwesine ngazivikela nami”, kusho uLebo.
Enikwa ithuba lokuphawula uLetoya ngokushiwo abeshade naye ngaye uthe “Akukho engizokusho okwamanje”.