IzindabaUmculo

U-DJ MAPHORISA UCHITHA EYOKUXHAPHAZA U-SAMTHING SOWETO

KUSHUBE isimo ngoLwesibili ezinkundleni zokuxhumana abantu bethi umculo kaThemba ‘DJ Maphorisa’ Sokwe awudutshwe futhi athathwe njengongekho emculweni emuva kokusolwa uSamkelo ‘Samthing Soweto’ Mdolomba ngokungamfaki njengobambe iqhaza engomeni ethi Amalanga Awafani.

Lo-DJ futhi ophinde abe umdididyeli wezingoma ukhulume bukhoma ekhasini lakhe ezinkundleni zokuxhumana wathi u-Samthing Soweto wodumo lwengoma ethi Isphithiphithi akukho okutheni akwenze kule ngoma njengoba manje esechukuluza uThabo Zwane owaziwa ngelika-Mas Musiq.

Uqhubeke wathi umdidiyeli wezingoma ze-piano odumile uMzwakhe ‘Sir Trill’ Zwane naye u-Samthing Soweto bayinkinga uma sekuziwa ekuphatheni ibhizinisi lo mculo. “Le ngoma yaqoshwa endlini yami. Uyena owenza okuningi engomeni (esho u-Mas Musiq) …uma kunomuntu enifuna ukuqeda ngaye, kumele kube imina, kodwa ngizovuka, ngiqine kakhulu futhi ngiyazethemba. U-Mas Musiq akenzanga lutho kulo lonke loludaba olukhulunywayo. Wazama konke ayengakwenza ukuthi lengoma iphume futhi iyamphazamisa le ndlela aziphatha ngayo u-Samthing Soweto njengoba engazi lutho ngebhizinisi.

Isithombe: Aliveli igama lika-Samthing Soweto ku-cover ye-single ethi Amalanga Awafani yize ethi wabamba iqhaza ngesikhathi yenziwa

“Into eyenza singezwani naye ingenxa yomqondo wakhe futhi akafiki kuleli zinga esikulona.. sinenkinga makumele kwabiwe izinto, ufuna ukuthatha yonke into”, kusho u-DJ Maphorisa.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.