KHULISA INGANE NGOBUQOTHO
SISANDA kuqala inyanga kaMandulo esiyibiza ngokuthi yinyanga yamagugu namasiko. Lena inyanga esibungaza ngayo ubuthina ikakhukazi njengesizwe samaZulu. Kulenyanga siba nomgubho omkhulu lapho sikhumbula khona inkosi uShaka iLembe eleqa amanye amalembe. Yinyanga yamasiko yethu lena.
Namuhla ngifisa kesivuselelane ngokuzigqaja ngobuthina. Ukuze sizigqaje kahle kumele sikhumbule lapho siphuma khona. Ngisakhula ingane beyikhuliswa ngumphakathi. Kepha ke kube sekungena inkululeko kanye nobulwane kubantu. Njengamanje ngeke usakwazi ukuyala uqondise ingane ohlangana nayo endleleni. Ingane ibimazi umuntu omdala ngoba beyazi ukuthi noma ngabe akayizali kepha engakwazi ukuyijezisa ayinqande uma iphambuka. Kukhulu esikubona esikhathini samanje. Izingane zike ziqabulane endleleni kuze kube umuntu omdala oshintsha indlela. Imvelapbi yethu yayisifundisa ukuthi awuyenzi into eyihlazo phambi kwabantu abadala futhi uma uganga bazokujezisa. Uma umi nontanga yenu osuqala naye umjolo nanihlukana aze adlule umuntu omdala bese niqhubeka nento yenu.
Inselelo njengamanje ingakithi thina esibadala, asizame ukukhulisa izingane zethu ngobuqotho. Inhlonipho ayiqale ekhaya. Ingane ayifunde ekhaya ukuthi umuntu omdala uyahlonishwa. Isi-Zulu sithi zibanjwa zisemaphuphu, siphinde sithi ugotshwa usemanzi.
Kunezinto ezincanyana okumele sizitshale emqondweni yezingane. Izinto ezifana nokubaluleka komthandazo, ukungajwayeli ukudlala ngokushaya, ukungathuki inhlamba, ukubaluleka kwemfundo, ukungasebenzisi izidakamizwa nokunye. Kunzima ukuzama ukufundisa ingane umthetho usuphambi kwabantu. Ingane iyokuphoxa kabuhlungu. Isikhathi esiningi uma ingane yenza into siye sibuke ikhaya ephuma kulo.
Ezinye izinto ingane iziqala incane bese kuba wukuthi umzali akanaki noma uyazibukela nje engakhuzi. Kunengane eobendulana kabi enganqeni ngisho ukuphoxa umuntu omdala. Uye uthule uthini ubona ingane yakho iganga ngento yomuntu omdala omaziyo noma ongamazi? Abanye abazali bayathula nje. Kusuke kulindelekile ukuthi uyikhuze ingane yakho. Ziyedelela ezinye izingane. Ayenqeni ukujikijela okanye ithuke umuntu omdala. Enye ingagibela ngezicathulo esihlalweni sakho noma ikuphimisele ngamathe. Lapho uba nakho ukulindela ukuthi umzali ayikhuze noma ayijezise. Abanye abazali banezibindi bayathula nje sengathi ababoni.
Asizithande izingane zethu futhi sizivikele ngeqiniso. Asibakhulise ngendlela enobuqotho. Khulisa ingane ngendlela yokuthi ikwazi Ukuphila nabantu noma ungasekho emhlabeni.
Empilweni siyafika isikhathi sokuthi ungabi bikho eduze nengane yakho. Ngabe iyokwazi yini ukuphila nabantu? Okunye okubalulekile asizinakekele izingane zethu noma ngabe asihlali nazo. Ukondla, mfundo, uthando nokuxhumana yizinto ezibalulekile ongazinika ingane yakho. Noma ngabe akuhambi kahle kodwa khombisa ukuthi unalo uthando yizimo ezingavumi. Tshala iziyalo eziphilayo enganeni yakho futhi ungahlali umvuna noma onile. Izingane zethu ziyikusasa lesizwe sethu. Asizikhulise ngenhlonipho nobuqotho.
Sengathi UJehova engamvikela umtwana wakho kukho konke okubi nasezitheni nemimoya emibi.
Kuze kube ngokuzayo.
Boni Mahlinza
*UBoni Mahlinza ungusomabhizinisi, umbhali wencwadi ethi ‘Don’t Die In The Cage’ nomqeqeshi wempilo