INKOSI ‘YOKUDLALA’ YOMASKANDI ILANDELWA OKUHLE KODWA
EMUVA kokuba uMongezi ‘Mayoghurt’ Jama ongumculi kamaskandi, ehlangane nongqongqoshe wezemidlalo, ubuciko namasiko kuzwelonke uMnuz. Gayton Mckenzie ngoMsombuluko abantu namanje basambongela ngezethembiso ezenziwe ungqongqoshe. Ngesikhathi uMnuz. McKenzie ekhuluma noMayoghurt ucele ukuthi amculele ingoma, wangachitha sikhathi lomculi waseMzimkhulu washaya ethi “Waze wangigqokela kahle weMayoghurt“.
Emuva ko mhlangano wamaciko obuseThekwini, ungqongqoshe wezemidlalo, ubuciko namasiko KwaZulu-Natali, uMnuz. Mtomuhle Khawula ube esethula uMayoghurt kuMnuz. McKenzie. Babe sebexoxa, kukhona otolikayo, nokuyilapho longqongqoshe ethembise khona lo mculi omfishane ngokudalwa ukuthi emcimbini olandelayo ozoba seGoli bazommema baphinde bamgibelise ibhanoyi ukuya kuwona.
UMayoghurt ophinde abe abonakale ezinhlelweni zikamabonakude uke waba sematheni ngesikhathi enikwa isikhundla sokuba ‘inkosi’ yomaskandi emcimbini obuseThekwini ngomhlaka-17 Ncwaba, Impucuzeko Maskandi Festival.
Lo mcimbi usunedumela njengoba uheha abantu abaningi futhi uthathwa njengokhuthaza ubunye kubantu, kanti uphinde unike abaculi baka maskandi abasafususa ithuba lokuziveza bephinde begudlane nasenegama kulo mculo. Owakulonyaka umcimbi ubungoweshumi nanye, kanti kubonakale abaculi abafana noGatsheni, Stabhilithi, Ntencane, Mzukulu, Khuzani, Smirnoff nabanye abaningi beshiyelana inkundla.
UMayoghurt obuye abizwe nge-Bliss kaZwelonke uthe kuleli sonto uzobonakala ohlelweni olukwi-season yesibili oludlala kuMzansi Magic, i-Short n Sweet. Inhloso yalolu hlelo ukugqamisa ikhono labantu abazalwa bebafushane nokuthi kwaziswe umphakathi ukuthi lolu hlobo lwabantu lungazenza izinto ezimangalisayo.
“Uhlelo i-Short n Sweet luyishintshile impilo yami ngisho nomculo wami usukhulile, abantu bayawuthanda”, kusho yena.

Isithombe: UMayoghurt evakashele inyanga uDkt. 3 Seconds emzini wayo
Lo mculi oneminyaka engamashumi amabili nambili uthe igama likaMayoghurt walithola esawumfanyana omncane, ekhula ngakubo. Echaza uthe uthando lo mculo kamaskandi lwamngena ngesikhathi elalela izingoma ezazidlalwa uyise esasemncane. Usanda kukhipha i-EP ebizwa ngokuthi Osisi Basemzini.
Uthe kuningi abalandeli bakhe abangakulindela kuyena njengoba kuqhubeka isikhathi.