Izindaba

I-SHOPRITE IDAYISA IZITOLO ZAYO I-OK FURNITURE NE-HOUSE & HOME

INKAMPANI ephethe izitolo ezihlukene emhlabeni, i-Shoprite Holdings isezinhlelweni zokudayisa izitolo zayo zempahla yasendlini i-OK Furniture ne-House & Home. Lokhu lesi sitolo esikhulu e-Afrika sikwenza ngoba ifuna ukugxila ekukhuliseni izitolo zaso zezingubo, izimpahla zezingane, okokuzikhipha kanye nemikhiqizo esetshenziswa ezilwaneni.

Lokhu kudayiselana kumenyezelwe ngesikhathi kwethula imibiko yezimali yanyaka obuphela ngoNhlangulana, kanti konke lokhu kuyingxenye yeqhinga lale nkampani lokuhlahlela kahle futhi igxilise ukusebenza kwayo lapho ezibona inamandla khona futhi inethuba lokukhula.

I-Shoprite Holdings idayisa izitolo zayo kwinkampani i-Pepkor ngemali engu-R3 million. Le nkampani ezinze e-Cape Town ibuye yavala ezinye izitolo zayo kwamanye amazwe ase-Afrika.

“Sizithola sikwangqingetshe ngekusasa lokukhula kwebhizinisi nokwenza inzuzo nokuyikho okuhlahle le ndlela esesiyihamba yokufaka imali futhi sitshale kakhulu ebhizinisini le-supermarket”, kusho u-Pietee Engelbrecht oyisikhulu esiphezulu se-Shoprite Holdings.

I-Pepkor, okuyinkampani egxile ekudayiseni izingubo, ithwele kanzima ngokwebhizinisi elidayisa imibhede, osofa, nemishini yasendlini. Lokhu kudayiselana kuzoyisiza ekuthuthukeni ohlangothini lwaleli bhizinisi.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.