ABE-RiSA BAZOKHIPHA UHLU LOKUTHENGWA KOMCULO NGENXA YEZINSOLO
INHLANGANO ebhekele ukukhishwa kwezimvume zokuqoshwa komculo kuleli i-RiSA ithe izovele ikhiphe uhlu lokuthengwa kwezingoma zabaculi bakuleli emuva kokuva abalandeli bakaKhuzani Mpungose beshaye amakhala ngokuklonyeliswa kukaMthandeni Manqele nge-Multi Platinum Single.
Lo mklomelo ukhishwa ngokwesilinganiso sokuthengwa komculo hhayi amavoti. Lokhu kuvezwe abe-RiSA emuva kokuba omunye umlandeli kaKhuzani ephawulile ngaphansi kwe-post yabo ebimemezela ukuklonyeliswa kukaMthandeni ngokuthengwa ubuthaphuthaphu kwengoma ethi-Paris ayenza noLwah Ndlunkulu.
Ngakolunye uhlangothi, uMthandeni ubamise kabi abalandeli bakaKhuzani kulezinsuku njengoba ephinde waqokwa emkhakheni we-Record of the Year kumncintiswano wezindodo, i-South African Music Awards (SAMA). Lokhu sekwenze kwanenye futhi impi kulabo maskandi esingenwe nangabalandeli babo.
Indaba iqalwe iyona imbangi enkulu uKhuzani ekhuluma kwi-podcast kaSizwe Blose, i-Podcast Affirmation lapho eveze khona ukuthi uMthandeni uqokwe kuma-SAMA ngoba umphathi wakhe u-Pearl Maake Ka Ncube usebenza kwiMotsepe Foundation engabaxhasi bawo ama-SAMA.
Okwenzekile muva nje ukuthi u-Pearl Maake Ka Ncube ukhiphi isitatimende ecela ukuba uKhuzani nabalandeli bakhe bayeke ukucekela phansi igama lakhe nelenkampani yakhe i-Wisdom Mobile Marketing Solutions.
Kayekanga uKhuzani ukukhuluma uqhubekile wabhala ekhasini lakhe lika-Facebook wathi: “Ilula lento, uma ngikuqambela amanga ngivulele icala mina ngizoza nobufakazi, kwaphela”.
Nokho abantu abaningi kuhlanganisa nabalandeli bakhe bamgxekile uKhuzani ngokukhulumisa okwempempe. Bamtshele ukuthi akagxile emculweni okuyiwo abamthandela wona, aphume ezindabeni zabantu. Okuqaphelekile ukuthi isekude ukuphela le mpi ephakathi kwalabaculi njengoba abanye abalandeli babo beyibhebhethekisa.