Izindaba

“ABANTU BASE-SOUTH AFRICA BAWUPHULA KABUHLUNGU UMOYA WAMI” – UCHIDIMMA

UChidimma wazalwa eNingizimu Afrika, ubaba wakhe ungowokudabuka eNigeria kanti umama wakhe owaseMozambique. Lo zime uthole ukucwaswa okukhulu ezinkundleni zokuxhumana abantu bengabaza ubuzwe bakhe njengoba ubengenele u-Miss SA. Abaningi bebethi inhloso yalo mncintiswano ukuqhakambisa ubuhle bamantombazane adabuka kuleli, ngakho yena [uChidimma] indabuko yakhe ayiphelele.

Ekhuluma nesiteshi sikamabonakude saseNigeria, i-Silverbird TV uthe: “Engikwaziyo mina ukuthi ngazalelwa eNingizimu Afrrika, futhi ngingowakhona, ngiyaziqhenya futhi ngokuba negazi laseNigeria”.

Ufikelwe zinyembezi ngesikhathi echaza ngokwenzeka eze eduba u-Miss SA.

“Yonke lento yaqala ngenxa yegama lami. Abantu babengeneme ngokuthi igama lami nginguChidimma futhi ngimele elakuleli. Abantu balaphana babengagculisekile kahlehle ngegama lami, kwakubuhlungu ukubona lento yenzeka.

“Kwakuyisehlo esinzima kakhulu futhi engingeke ngisifisele muntu. Sengihlale laphana iminyaka engamashumi amabili nantathu futhi kwakungiphatha kabi ukuthi angamukelwa futhi angifunwa”, esho zigcwala ubuso izinyembezi.

“Bengiyingane nje yentombazane encane ebilokhu ifisa ukufeza iphupho layo lokuba u-Miss Universe ngelinye ilanga. Bengilokhu ngiwubuka lo mncintiswano kusukela ngo-2017, ngake ngazama ukungenela u-Miss SA ngo-2022 kodwa kwangalunga. Ngaphinde ngazitshela ukuthi, ‘Kungani ngingazami futhi?’ Into eyaziwayo ukuthi ngagcina ngifike ku-top 30, futhi ngiyaziqhenya ngalokho.

“Ngazitshela ukuthi, uyazi ukuthini? Kulungile. Ukuba ku-top 30 kulungile. Ngakhula nje, ngilokhu ngidlulela kwezinye izigaba zomncintiswano futhi ngaziziqhenya kakhulu ngalokho. Ngaze ngafika ku-top 16, nokuyilapho kwagcwala khona ezinkundleni zokuxhumana”, kusho uChidimma.

Emuva komsindo owaba sezinkundleni zokuxhumana kanye nokuphuma komphumela wophenyo lo mnyango wezasekhaya wahlulwa ingcindezi wagcina ehoxile kulo mncintiswano. Umphumela womnyango wezasekhaya wathi kungenzeka ukuthi umama wakhe wenza inkohlakalo ngesikhathi efika eNingizimu Afrika nokuwunyaka uChidimma azalwa ngawo. Lo mnyango waveza ukuthi ophenyweni lwawo uthole ukuthi umama kaChidimma wantshontsha umazisi womunye umuntu wesifazane wakuleli naye owayenengane encane ngaleso sikhathi.

“Kunezinto ezenzeka ngemuva ezangenza ukuthi ngihoxe kulo mncintiswano. Kwakubuhlungu ukuthi ngizithole ngiphoqeqeleka ukuthi ngiphume kuwona yize ngase ngiseduze komzuliswano wokugcina. Kodwa kwakufanele ukuba ngithathe isinqumo”, kuqhubeka yena.

Kuthe esehoxile ku-Miss SA wamenywa abahleli baka-Miss Universe Nigeria ukuba ayoqhudelana nozime bakhona, wafika wanqoba.

“Ngajabula kakhulu ukuthola isimemo salowa mncintiswano. Ukuthi kunakwe iphupho lami ngaleyandlela futhi ngithole nothando obelumangalisa, hhayi nje kuphela abenginabo kanye nabahleli kodwa abantu baseNigeria bonke kanye nabasemhlabeni wonke”, kusho uChidimma.

Le ntokazi iqhubekela phambili njengoba manje isizondizela phezulu iqhubekele ku-Miss Universe emhlabeni wonke iyomela izwe likababa wayo. Umzuliswano wokugcina ka-Miss Universe uzoba se-Mexico.

“Angifuni ukuba indlovukazi egxile entweni eyodwa kodwa ngifuna ukuzama yonke into. Ngifuna ukungena kuyo yonke indawo. Ngifuna ukwenza isiqiniseko ukuthi ngilisebenzisa kahle leli thuba, inqobo nje uma ngizokwenza umehluko empilweni yomuntu noma ngabe uyedwa. Ngiyobe sengazi ukuthi ngiwenzile umsebenzi wami”, kusho uChidimma.

Ekhuluma ne-BBC uthe emuva kwakho konke ukuhlukumezeka akuthole kubantu bakuleli kanye nokuphenywa uhulumeni uzofuna usizo lokwelulekwa ngokomqondo njengoba ekholwa ukuthi kuningi abekucindezele, osekuqala ukubuya manje.

“Yinto engizosebenzela ukuthi iyenzeka ukuthi ngibone abeluleki ngoba ngizwa sengathi ngiyicindezele kakhulu indlela ebengizizwa ngayo”, kusho uChidimma ekhala mi izinyembezi.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.