EZISEMATHENIEzosaziwayo

U-‘GC’ UBUYELA EBUNSIZWENI, USHIYA PHANSI UBUTABANE

UMKHAYA usucoshe isindaba ezingakaqinisekiswa ukuthi umlingisi obedlala indawo ka-GC kuZalo, uKhaya Dladla useshiye phansi owesilisa abezoshada anye njengoba esefuna ukugxila ebunsizweni futhi azame ukujola nabesifazane. Lezi ndaba zalo mlingisi okumanje udlala indawo ka-Lazarus ku-House of Zwide evezwa ku-eTV sezinyakazise wonke umphakathi we-LGBTQIA+, okuyiqeqebana labathandana benobulili obufanayo.

UKhaya uyisitabane esaziwayo futhi uhamba phambili empini yokulwela amalungelo kanye nezimfuno zabathandana benobulili obufanayo eNingizimu Afrika.

Umthombo osondelene nalo mlingisi udalule ukuthi uKhaya usesigabeni sempilo lapho asekhethe khona ukuzifuna kabusha, futhi ukufuna ukuthola ukuthi ungubani ngenhlela entsha okuhlanganisa nokuzama ukujola nabesifazane.

Ngokwalo mthombo kusayinto entsha lena kuKhaya, usazama ukuzishintsha ngokucophelela. “Usekhethe ukushintsha impilo yakhe, akafuni abantu bazi ngoba nakuye kuseyisahluko esisha lesi”, kusho umthombo. Lo mthombo uthe kubalulekile ukuba uKhaya anikwe ithuba lokushintsha ngasese.

Yize ekulesigaba lo mlingisi oke wasakaza kuGagasi FM kodwa usaqhubeka nokudlala imidlalo kumabonakude emveza eyisitabane. Uzimisele ukudlala ngokuzinikela kulezindawo azidlalayo ebe esazama ukuguqula impilo yakhe yokuba owesilisa oqondile. Lokhu okwenzeka kamuva kuKhaya kumbeka esimeni lapho kufanele aqhubeke nokugqamisa ikhono lakhe elijabulisa ababukeli ngokulingisa ngendlela ehlukile futhi yeqophelo, njengoba eke enza kwi-season yesibili yomdlalo iHostela.

Isinqumo asithathile uKhaya sokuqala lolu hambo aluthathayo sifika nje kuningi osekwenzekile empilweni yakhe okuhle nokubi kwezothando. Uke wathembisa umshado nosomabhizinisi owaziwayo, futhi ‘into’ yabo ibisemehlweni abantu njengoba bebezikhipha, bethwebula nezithombe bezifaka ezinkundleni zokuxhumana.

Kodwa abazaziyo bathi obekubonwa abantu bekungesikho lokhu okwenzeka ngasese. Ekhuluma ohlelweni lukaLungelo KM oluthi Engineer Your Life with Lungelo KM, uKhaya wadalula ngobunzima abhekene nabo ebudlelwaneni bakhe, ebuchaza ukuthi kufana nokuthela amanzi enkomishini evuzayo. Izinto ezazenzeka kulobuya budlelwane zaholela ekutheni kuphele kwamthembiso owawusubahlanganisile.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.