U-PRINCE KAYBEE UVAKASHELE OHLALE EQOPHA AMA-VIDEO ENOGOGO WAKHE KU-TIKTOK
UMCULI we-Gqomu odumile kuleli, u-Prince Kaybee wenze okungajwayelekile ngesikhathi evakashele uPhumlani Gumede waseMacambini eMandeni osedumile ezinkundleni zokuxhumana ngokuhlale eziqopha ama-video enogogo wakhe. UPhumlani uyintandokazi kubalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana i-Facebook kanye ne-Tiktok lapho ehlale eziqopha enza imidlalo enhlobonhlobo nogogo wakhe, athe umthanda ngendlela eyisimangaliso.

Isithombe: UPhumlani Gumede enogogo wakhe
UPhumlani utshele UMKHAYA ukuthi uthokoze kakhulu ukuthola ucingo obeluvela ku-Prince Kaybee ngoLwesihlanu ethi uza kuyena. Uthe lo mculi wodumo lwezingoma ezithi Gugulethu ne-Club Controller wamtshela ukuthi uthande i-video yakhe abesanda kuyifaka ku-Facebook lapho ubevela khona nogogo wakhe benza umdlalo othile othokozelwe abaningi ezinkundleni zokuxhumana.
Uthe ufike wapha ugogo wakhe izimpahla abemthengele zona.
“Ngiyabonga ku-Prince Kaybee ukusuka lena ezobona mina, waze wafika ekhaya. Siyabonga nangalokhu asiphe khona:”, kusho uPhumlani.
UPhumlani ubuye enze ama-video lapho esuke egqugguzela khona abantu ebanika ithemba empilweni ukuthi noma ngabe kunzima kanjani kodwa bengalinge belilahle. Useke wezwakala emsakazweni womphakathi ose-Kranskop, i-Radio Khwezi enza zona lezinkulumo ezikhuthazayo kanti njengamanje uzwakala enza okufanayo emsakazweni osakazela eMpangeni, Indonsakusa Community Radio (Icora FM) ohlelweni lwaphakathi nezinsuku ntambama.