Imibono

U ‘NJABULO’ ULUNGISE ISENZO ESIBI NGOKWENZA KABI

SIYALULANDELA udaba olubikwe kakhulu emazikweni ezindaba abhala ngesiZulu ngoMsobuluko okuthiwa lwenzeke ngempelasonto, oluthinta umsakazi woKhozi FM, uSiya Mhlongo. Kuthiwa lo msakazi owenza uhlelo lwasebusuku phakathi nesonto ngele-8 kuya kwele-12 phakathi kwamabili uphihlize owesilisa azwana naye ngebhodlela lotshwala obungadalulwanga emuva kwengxabano edalwe ‘isikhwele’ kade bephuma endaweni yobumnandi.

Ngokwephephanda Ilanga okuyilo elikhiphe lolu daba kuqala lona wesilisa uke waba sebudlelwaneni bothando noSiya eminyakeni edlule kanti kunomngani abebehamba naye okuthe mayevalelisa kulo wesilisa obehamba noSiya wathi “Mncwa..mncwa”, nokuthiwa yikho okucasule uNjomane.

Emuva kwalokho kuvela ukuthi ube esephihliza lona ngebhodlela lo tshwala.

Manje lolu daba lunezisele futhi khona lapho sisala khona. Yize kuvela kwi-video esisabalele ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ulimele lona wesilisa obizwa ngo ‘Njabulo’ kodwa asitholi ukuthi bekubaluleke ngani ukuba aqophe i-video. Uma eseyiqophile kungani engayanga nayo emaphoyiseni avule icala lokushawa, kube udaba olulungiswa ngomthetho wenkantolo. Kungani yena ebone kukuhle ukuba alusabalalise ezinkundleni zokuxhumana?

Siyazibuza ukuthi ibuphi ubulungiswa abufunayo ngalesi senzo sakhe?

Ubulungiswa yini ukulimaza igama lo muntu aselisebenzele ngamandla akhe onke, iminyaka engaka? Njengoba lolu daba kunamathuba amaningi okuba luphazamise ikusasa likaSiya emkhakheni akuwona ngabe u ‘Njabulo’ uzokwaneliseka yini emphefumulweni wakhe?

Lapha kuMKHAYA sine-podcast ethi ‘Siphetha Imbenge’, kuyo sike sadlala inkulumo ka-Apostle Philani S. Zikhali lapho ekhuluma khona ngokuthi sibabheke abantu esixabana nabo bese bebuya kungathi akonakalanga lutho empilweni yethu, futhi kungakaze kulungiswe lutho. Uthi uNgwane bayingozi kakhulu labo bantu ngoba basuke bengayiqedile i-mission yabo ngathi.

Kulolu daba lukaSiya siyasola ukuthi ubevele echukuluzwa ngoba uyaziwa ukuthi unesikhwele futhi kuzomcasula lokhu obekwenziwa. Uma lona ongumngani wabo kuwukuthi ubesevalelisa kungani engabavalelisanga bobabili?

Njengeziko lezindaba asihambisani nokushawa kwabantu noma ngabe kwenzekeni kodwa khona lapho esinganelisekile khona ngomongo wokwenziwa kwe-video bese inekelwa izwe esikhundleni sokuba ibe ufakazi enkantolo yomthetho.

Uma esho u ‘Njabulo’ ephepheni Ilanga uthena ngokuveza le-video ubenzela ukuxwayisa abanye abantu abazolandela kuSiya ukuthi ungumuntu onjani futhi aziwe ukuthi hleze ekhuluma ngokuhlukunyezwa kwabantu kodwa naye ebe ekwenza. Le ncazelo ikushiya nemibuzo ethi ngabe lo mfo unendaba yini nesithunzi kanye nokuhlonipheka komsebenzi nesiqu sikaSiya. Ngoba ukube ubelufake emaphoyiseni kwaphela lapho lolu daba ngabe lusetshenzwa ngenhlonipho esibona ukuthi ibifanele.

Kuyavela ukuthi bobabili bebevele beziphumela endaweni yobumnandi, nokuyinto esingeke sigxile kuyona leyo.

Lapho ekhona u ‘Njabulo’ ngabe unembeza wakhe umtshela ukuthi wenze okufanele yini?

*Ungaxhumana nomhleli kuleli kheli le-email: editor.umkhaya@gmail.com noma ku-Whatsapp [0795239786]

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.