KUSHIYA IZINKAKHA ZABALINGISI KU-GENERATIONS: THE LEGACY
SEKUVELE izindaba ezingeke zibe mnandi kwabaningi ukuthi umdlalo owuchungechunge i-Generations: The Legacy ifulathelwa abalingisi abaqavile futhi abanamava kulomkhakha. Lokhu kuvele esitatimendeni esikhishwe i-SABC kwabezindaba ngesonto elidlule.
Emuva kweminyaka engaphezu kweyishumi ebonakala emdlalweni owuchungechunge i-Generations: The Legacy, u-Ronnie Nyakalo owaziwa ngelika-Cosmo uyashiya kulo mdlalo. Kunomthombo oveze ukuthi uNyakale ushiya lo mdlalo ngenxa yokuthi usafuna ukuveza ikhono lakhe kweminye imidlalo.
“Indawo ayidlalayo ayikhuli ngendlela abefuna ngayo, kulokhu kuyinto eyodwa isikhathi eside nokuyinto emenze wafuna ukuphuma abheke ukuthi angeke yini azame okunye kwezinye izindawo”, kusho lo mthombo.
Omunye umthombo uthe: “Indawo ayidlalayo ayihambelani nombono anawo ngalendawo ayidlalayo nokuyinto emenze wafuna ukuthi acinge indawo ezomenza afeze umbono wakhe”.
I-SABC ikhiphe isitatimende esifaka phakathi nesimemezelo ngokuhamba kukaNyakale. “I-Generations: The Legacy inentokozo ukunazisa ukuthi uDidintle Khunou uzoba ingxenye yomdlalo maphakathi noNhlangulana. Lokhu kuza njengoba sifisela uMuzi Mthabela no-Ronnie Nyakale konke okuhle ezinhlelweni zabo ezilandelayo.
“UDidintle usenqobe izindondo eziningi ngomsebenzi wakhe wokulingisa kuma-theatre nakumabonakude, lokhu kuhlanganisa imidlalo efana neNaledi and Broadway World Online Award ngeqhaza lakhe emdlalweni i-The Colour Purple Musical. Usebonakale emidlalweni eminingi kuleli, manje usezokhombisa ithalente lakhe ku-Generations: The Legacy. Uzodlala indawo kaTumelo Gcabashe, ongusomabhizinisi ohlonishwayo futhi othintekayo enkohlakalweni yezezimali nobugebengu kwezamabhizinisi”, kusho lesi sitatimende.
Ngokwesitatimende se-SABC, uMuzi Mthabela uzobonakala ku-Generations: The Legacy kuze kube umhlaka-5 Nhlangulana bese u-Ronnie Nyakale yena abonakale kuze kube umhlaka-28 Ncwaba.