Izindaba

KUBOSHWE ABABILI NGOKUQOTHA UMNDENI EMACAMBINI

AMAPHOYISA aseMandeni abophe abasolwa ababili emuva nje kancane kokuba bedubule amalungu amathathu omndeni endaweni yaseMakhwanini, eMangethe ngaphansi kukamasipala waseMandeni ngoMsombuluko.

Amaphoyisa azisiwe ngesigameko sokudubula esenzeke ngoMsombuluko kusihlwa, athe mayefika athola ubaba wekhaya oneminyaka engamashumi ayisithupha nambili (62), indodakazi eneminyaka engamashumi amane nantathu (43) sebefile kanti umama wekhaya oneminyaka engamashumi amahlanu nesikhombisa (57) uphuthunyiswe esibhedlela ngoba ubesaphila yize ubedubuleke kanzima

Emuva kwesikhashana senzekile lesi gameko amaphoyisa abe eseqala uphenyo olunzulu, athola ukuthi abasolwa bebefuna indodana yakulo muzi okuthiwa bebeyisola ngokuthandana nentombi womunye wabasolwa.

Ithimba lama phoyisa libe selilandela umkhondo olifikise emzini othile endaweni yaseMajuba khona eMandeni lapho abasolwa bese becashe khona. Abe esebabopha aphinde apequlula indawo athola izibhamu ezimbili, esinye sazo bekungesokuzakhela kanti esinye besicishiwe inombolo yaso.

Kuthiwa ngaphambi kokuba behlasele kulo muzi abasolwa baqale bathumba indoda ethile ehlathini eliseMakhwanini eMangethe, bayibophela esigodweni beyivale umlomo. Laba basolwa batshele le ndoda ukuthi basayobulala abantu emzini othile, yona bazoyibulala ekugcineni.

Lona obeboshiwe ukwazile ukuziqaqa, wabe esephuthuma emaphoyiseni eyobika lolu daba.

Bobabili abasolwa abaneminyaka ephakathi kwengamashumi amabili nesikhombisa (27) nengamashumi amathathu nesikhombisa (37) bazovela enkantolo i-Nyoni Magistrate’s Court ngoLwesithathu mhlaka-4 Mandulo 2024.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.