ISIMO SIMANZONZO ESIBHEDLELA SASENGWELEZANE
ABASEBENZI neziguli esibhedlela saseNgwelezane ngaseMpangeni enyakatho yesifundazwe iKwaZulu-Natali bakhala ngokuphepha kwabo njengoba inqwaba yonogada abasebenza kulesi sibhedlela bedube umsebenzi baqhinqa esangweni ngoLwesibili ekuseni ngenxa yokungakhokhelwa umholo wabo kaNcwaba.
UNobhala wenyunyana yabasebenzi be-National, Education, Health and Allied Workers Union (NEHAWU) kulesiya sifunda, uMnuz. Bheki Mkhize usephakamise ukuthi uhulumeni uqashe onogada abazoba ngaphansi kwawo kanjalo nezinkampani ezihlanza izibhedlela ukuze kugwenywe ukuphazamiseka okufana nalokhu.
Ubekhuluma kanje uMnuz. Mkhize engaphandle kwesibhedlela lapho onogada benkampani ezimele egada kulesiya sibhedlela bebeqhinqe khona bekhalazela abakubiza ngoku’xhashazwa’ umqashi wabo.
“Noma ngabe bayaphindela labo nogada emsebenzini kodwa kuyefana amalungu ethu lapha angodokotela, abahlengikazi nabanye abasebenzi sebesencupheni vele. Namuhla usuku lokuthi lokuthi iziguli ezingaphilile ngokomqondo kufanele beye emtholampilo, umbuzo uthi amalungu ethu azosebenza kanjani bengekho onogada?
“Esikhathini esingengakanani kusanda kugwazwa udokotela obesafuna nomhlengikazi isiguli khona lapha kulesi bhedlela, kwesinye isigameko umhlengikazi ugwaziwe emtholampilo waseMpangeni ongaphansi kwaso lesibhedlela. Ingakho siphakamisa ukuthi uhulumeni ufake umsebenzi wonogada ngaphansi kwawo”, kusho uMnuz. Mkhize.
Labo nogada abebevele besebenza ngokuhudula izinyawo emasontweni edlule kuthe ngoLwesihlanu olwedlule babuyela ngokugcwele emsebenzi wabo emuva kokuba umqashi ebathembise ukuthi uzobaholela imali yabo. Kuthiwe basabise ngokuthi mabengakhokhelwa imali yabo ngosuku olunqunyiwe bazongena kwesinzima isiteleka.