UNAKHO UKUZIPHATHISA OKUKAMKHULUMELI KA RAMAPHOSA UMCKENZIE
IBUYE ishayise amakhala indlela anokukhuluma ngayo u-Gayton MaKenzie ongumholi we-Patriotic Alliance. Lo mholi ogixabezwe ngesikhundla sokuba ungqongqoshe wezemidlalo, ezobuciko namasiko kuleli unakho ukukhuluma agcine esezwakala njengomkhulumeli kamengameli wezwe uMnuz. Cyril Ramaphosa.
Selokhu lo mholi aphatha lesi sikhudla emva kokuba iqembu lakhe libe yingxenye yabaqembu abusa ngokubambisana (Government of National Unity – GNU), njalo uhlale encoma uMengameli wezwe. Ngisho kunezinkulumo ezilindeleke kuye njengomholi, oka-McKenzie uchitha isikhathi esiningi encomana noRamaphosa.
Umusho nomusho awushoyo usuke uzofaka igama likaRamaphosa. Lokhu kugcina sekushayisa amakhala ngoba yize lo mholi eyingxenye ye-GNU kodwa kufanele akhumbule ukuthi akalona ilungu likaKhongolose. Okukhulu kakhulu, kufanele akhumbule ukuthi akayena umkhulumeli kamengameli ngakho-ke, kufanele akugweme ukuncetheza ngale ndlela.
Lesi senzo sakhe sizogcina sesakha ungabazane kulabo abangabalandeli beqembu aliholayo. Kufanele akhumbule ukuthi yize noma esebenzisana neqembu elibuyasayo kodwa kufanele aphinde akhombise ukuthi akayena uvuma zonke. Akashiye umsebenzi wokuncoma umengameli awushiyele labo abaqashelwe lokho. Okwakhe uMcKenzie ukuqinisekisa ukuthi wenza umehluko esikhundleni abekwe kuso.
Ngaphandle nje kokuthanda ukuba sematheni, yena ubukeka engenza umsebenzi omuhle esikhundleni abekwe kuso, inqobo nje uma engayeka ukuncoma noma kungenasidingo.
*USandile Khumalo ungumbhali wezincwadi zesiNguni, intatheli ezimele futhi wenza izifundo zobungatheli e-Wits University