UHLANGANISE UMNDENI NGAPHAMBI KOKUSHONA UTHABISO SIKWANE
ABANINGI bakholwa ukuthi ukushona kobengumsakazi we-SA FM, Kaya 959 ne-Power FM, uThabiso Sikwane bese kuyinto ezokwenzeka futhi ebe nebika njengoba ngaphambi kokuba ashone ebe nengxoxo ohlelweni lwe-podcast olwenziwa u-DJ Fresh obengumyeni wakhe. UThabiso obengumdidiyeli walolu hlelo ube yisihambeli obekuxoxwa naso ohlelweni i-WAW! What A Week with DJ Fresh ngesonto eledlule.
Ingxenye yokuqala yalolu hlelo ifakwe ngoLwesihlanu mhlaka-30 Ncwaba 2024 ngaphambi kokuba shone njengoba izindaba zokushona kwakhe zimenyezelwe umndeni wakhe ngoMgqibelo
Le ngxoxo edlala imizuzu engamashumi ayisihlanu kuba nomunyu kubona bobabili labasakazi njengoba bexoxa ngezinto ezenzeke emshadweni wabo weminyaka engamashumi amabili. UThabiso no-DJ Fresh bamemezela ukwehlukanisa kwabo ngoNhlolanja 2022.
U-DJ Fresh ubhale ekhasini ezinkundleni zokuxhumana wathi: “UThabiso Sikwane!! Nansi i-post …Uyisihambeli ohlelweni i-WAW! What A Week namhlanje. Sezane naye kusukela esafunda izindaba ohlelweni lwami ngo-1998 futhi okokuqala ngqa ngikhuluma naye ohlelweni. Ngimagange futhi ngethukile”.
Ngesikhathi kuqhubeka uhlelo uThabiso ufonelwe izingane zakhe, kuqale indodana yakhe uThato Sikwane Junior kwase kufona indodakazi ka-DJ Fresh, uReneilwe namanye amalungu omndeni. Bonke laba abebefona ohlelweni bezwakale benza amancoko kuhlekwa kumnandi ngaphambi kokuba aficwe ukufa ngoMgqibelo ngabo-06:30 ekuseni.
Abebebukela uhlelo bathi ndlelathize lolu beluyindlela nje yokunika umndeni ithuba lokuvalelisa kuyena.
Emuva kokuzwa ngezindaba zokushona kobengumkakhe u-DJ Fresh uzwakalise ubuhlungu abuzwayo ekhashini le-Instagram. “Sitshelwe ukuthi ubulawe i-cardiac event (ukuma kokushaya kwenhliziyo) kodwa akushiwongo ukuthi ngabe idalwe yini. Silinde umbiko kadokotela ozosho ukuthi ngabe kwenzekeni, ngoba okwamanje akukho okwenza umqondo kuthina sonke. Bekungenzeka lokhu kumuntu obengenalutho”. kusho uDJ Fresh.
UThabiso ushone esenemeinyaka engamashumi ayisihlanu, ayihlanganise ngoNtulika nonyaka.
UMKHAYA uthole ukuthi ngosuku ashone ngalo bekuhlelwe isiphihli somcimbi wokubungaza impilo yakhe ngakusasa mhlaka-31 Ncwaba kodwa kwaphela ngempilo yakhe lungakafiki lolu suku.