Izindaba

UBOSHIWE ULONGWE TWALA NOMFOWABO OMNCANE

KUBOSHWE amadodana kaChicco Twala, uLongwe noSello Twala ngecala lokweba. Kuthiwa laba baboshelwe icala lokuntshontsha imishini e-studio sikababa kanti kuthiwa lokhu bakwenze ngempelasonto, bebanjwe izidakamizwa. Izindaba zokuboshwa kwabo ziqinisekiswe ubaba wabo ngoMsombuluko.

Ngokusho kuka baba wabo laba bagqekeze i-studio sakhe bantshontsha imishini engabiza izinkulungwane zamarandi. Icala livulwe uyena ubaba wabo esiteshini samaphoyisa e-Douglasdale.

“Yebo ngingakuqinisekisa ukuthi ngithe ngise-USA indodana yami uLongwe nomfowabo uSello Twala bahlangana bantshontsha imishini yami e-studio“, kusho uChicco.

Kuthiwa uLongwe osewaxoshwa kubo ngenxa yakho ukucwila kwizidakamizwa unombele oodongeni olude ngendlela eyisimanga, wase egqekeza e-studio sikayise wantshontsha imishini.

Kulindeleke ukuthi bavele enkantolo ngoLwesibili oluzayo. Ubaba wabo uthe bese bemtshontshele isikhathi eside, ubesekhathale yibo.

NangoMasingana 2020 uLongwe waboshelwa icala lokuntshontsha umakhalekhukhwini. Kune-video eyasabalala ezinkundleni zokuxhumana ikhombisa ubaba wakhe [uChicco] emqhuba emusa esiteshini samaphoyisa e-Diepkloof eSoweto.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.