Izindaba

KUFEZEKE AMAPHUPHO USIBIYA ETHATHWA UKHOZI FM

KUFEZEKE amaphupho obengumsakazi woMgungundlovu FM, uNks. Siphiwe Sibiya ngesikhathi enqoba umncintiswano woKhozi FM wokuhlunga abasakazi besifazane i-Winnie Mahlangu Female Presenter Search. Lo mncintiswano obekungowokugcina kulo nyaka uqale ngo2017 njengoba uvundulule abasakazi abafana noBingelela Mpanza, lona Mbatha, Zama Mseleku nabanye.

Ngesikhathi ekhuluma ohlelweni lwe-podcast i-Podcast, Radio & Sfuff uthe kade aba nothando lo msakazo. “Ngaqala kuthanda umsakazo emuva kokuba njalo ekhaya bekudlalwa umsakazo ngaso sonke isikhathi ngaze ngathanda ukuba umsakazi. Ngaba nenhlanhla ngelinye ilanga lokuhlangana nomfowethu owayesakaza ku-Vaal FM ngesikhathi ngiyofunda khona e-Vaal”, kusho uNks. Sibiya.

UNks. Sibiya odabuka eMgungundlovu uthe uye e-Vaal University of Technology eyokwenza izifundo ze-Electrical Engineering kodwa uthando lwakhe beluse msakazweni kakhulu. “Ziningi iziteshi engifake kuzona ama-demo kodwa eziningi azingithathanga. Mangikhumbula kahle ngaqala ukungena emsakazweni ngiyoba umdidiyeli wohlelo lwezingane emsakazweni waseMgungundlovu i-Capital Radio 104 FM”, kusho yena.

“Ngaqala ukufaka i-demo kumncintiswano i-Winnie Mahlangu Female Presenter Search ngesikhathi uqala ngo-2020. Kungena uBingelela nje, uZama, uLonda nomaZulu ozulayo i-demo yami yayilokhu ikhona”, kusho uNks. Sibiya.

Umphathi wezinhlelo emsakazweni Ukhozi FM, uNkk. Pearl Maseko-Bhinqose umemezele onqobile kulo mncintiswano ohlelweni lukaKhathide ‘Tshatha’ Ngobe no-Selbyonce Mkhize ngesonto eledlule.

“Senze isiqiniseko yonke leminyaka ukuthi abanqobe kulo mncintiswano asibalahli kodwa siyabaqeqesha, sibavivinye bese sibanika izinhlelo abazozenza”.

UNkk. Pearl Maseko uthe onqobe kulo mncintiswano uzoqeqeshwa kuyo yonke imisebenzi eyenziwa ngaphakathi emsakazweni kusukela ekusakazeni kuya ekubeni umdidiyeli wezinhlelo.

Imvilophu ebinegama lonqobe lo mncintiswano obungenelwe abesifazane abayizinkulungwane ezine ivulwe uBakheke Mthethwa ongumdidiyeli wohlelo lwantambama phakathi nezinsuku kuKhozi FM, iWoza Nabangani Bakho.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.