KUHLEHLE IZIHLATHI UCHIDIMMA ENQOBA U-MISS UNIVERSE NIGERIA
KUPHOXEKE abaningi abebengamfiseli okuhle owahoxa ku-Miss SA, uChidimma Adetshina ngesikhathi enqoba umncintiswano wozime waseNigeria u-Miss Universe Nigeria. UChidimma unqobe lo mncintiswano ngoMgqibelo e-Eko Hotel Convention Centre and Suits eLagos.
Ekhuluma neziko lezindaba i-AFP uChidimma uthe: “Lolu kube wuhambo olungelula kimi futhi ngiyaziqhenya ngami, ngiyajabula futhi ngothando nangokungeseka enikwenzile”.
“Lokhu bekulokhu kuyinto engiyifunayo, futhi ngijabule ukuthola ithuba lesibili ngaphinde ngakuthola lokhu ebengikufuna”, kusho uChidimma.
Nakuba engakaze abe kuleliyazwe eminyakeni engaphezu kwamashumi amabili edlule kodwa abahleli balo mncintiswano waseNigeria bambiza uChidimma ukuthi angene esigabeni sokugcina sawo, bethi akangene azomela isigodi salapho okuzalwa khona ubaba wakhe.
Sekuwumlando manje ukuthi uke wangenela u-Miss SA lapho athole khona okukhulu ukugxekwa ngabantu bakuleli njengoba bebengabaza ubuzwe bakhe. Abakuleli bebethi akumfanele ukungenela lo mncintiswano ngoba abazali bakhe akubona abokudabuka kulelizwe. Bebethi uyise ungowaseNigeria kanti unina ungowaseMozambique ngakho akakhishwe ku-Miss SA ngoba ungowabantu bokudabuka eNingizimu Afrika futhi uqhakambisa amasiko abo.
“Kufanele sonke sikuyeke ukucwasana ngokobuzwe nangobuhlanga”, kusho olale isibili u-Paula Ezenda ku-AFP.
UChidimma ugcizelele ukuthi uyayithanda iNingizimu Afrika futhi uyabonga kulaba abamesekile kulelizwe. Emasontweni edlule kuvele kuthi abaseNingizimu Afrika ibona abavotela kakhulu uChidimma kanti njengoba enqobile lapha uzozihambela nemali engu-N10m (R115 752) engu-cash futhi uzobhekana no-Mia Le Roux ongaboni emehlweni owanqoba u-Miss SA 2024 ku-Miss Universe ezingeni lo mhlaba wonke.