Izindaba

ZISAZOKHALA ETHEKWINI, UDLADLA MSHUNQISI UBUYISA ‘USUKU LOMSHUNQO MUSIC FESTIVAL’

UMCULI waseThekwini owenza umculo weGqom, u-Anele ‘Dladla Mshunqisi’ Dladla usememezele ukuthi uzodedela ulozolo lwe-single entsha elindelwe ngabomvu ethi Yini Lengaka. Le-single izobe isitholakala kuzo zonke izinkundla ezidlala umculo-online ngoLwesihlanu mhlaka-30 Ncwaba. Kwisitatimende esithunyelwe kuMKHAYA uphinde wakugcizelela ukuthi uyabuya umcimbi womculo obuthokozelwa kakhulu abantu eminyakeni edlule awubiza ngokuthi ‘Usuku Lomshunqo Music Festival’ kanti futhi usezinhlelweni zokuvula isitolo esisha sokudla.

Kule-single yakhe entsha uMshunqisi ubophele izinkakha emculweni ezifana no-Goldmax, DJ Tira noSboniso Shozi kanti akungabazeki ukuthi akekho umuntu ozokwenza umcimbi engenayo le ngoma njengoba sibheke esikhathini sehlobo.

“Le ngoma izokhumbuza bonke abantu ukuthi yini eyabenza bathanda umculo weGqom. Umculo weGqom awukaze ufe futhi awusoze uma nje sisaphila. Liyabhubha eThekwini”, kusho uDladla Mshunqisi.

Ngesikhathi ekhuluma ngokubuya komcimbi ‘Usuku Lomshunqo Music Festival’ obese kuphele iminyaka emibili ungenziwa uthe owakulonyaka uzoba nezinguquko ezithile kuhlanganisa nokwenzelwa endaweni entsha. Ngokusho kukaDladla Mshunqini umcimbi wakulo nyaka uzoba ngongasoze walibaleka endimeni yezobumnandi futhi kuzoba ubusuku obuyohlale njalo bukhumbuleka kwabazowuhambela.

Kuleminyaka lo mcimbi oke wenzelwa KwaMashu, e-Artizen Lounge nakwa-Wiseman Carwash, kulo nyaka uzoba se-Berea Rovers e-Stamford Hill khona eThekwini ngomhlaka-30 Lwezi 2024.

“Emuva kwe-Covid 19 izinto azibange zisafana, ukusweleka kwabaxhasi kwenza ukuthi sithi ukuwumisa kancane umcimbi wethu. Kodwa emuva kokuba bebe baningi abantu abebefuna ubuye, kuyasithokozisa ukuwubuyisa endaweni enhle futhi enkulu kanti kuyobe kuboshelwe nezingqwele kwabazonandisa kulo mkhakha womculo engiwenzayo”, kusho uDladla Mshunqisi.

Kubaculi abazonandisa kulo mcimbi kukhona amawele akwaQwabe, i-Q Twinz, DJ Tira, Beast, Duncan, Zakwe, Big Zulu, Ayanda Ntanzi, Kabza De Small, Dlala Thukzin, Lerato Kgayago, Somizi, Sizwe Mdlalose, Sphectacula weGagasi FM, DJ Naves, Sonic noHappy Girl nabanye abaningi abasazoqinisekiswa.

Amathikithi okungena (general access) kulo mcimbi azotholakala e-Web ticket nase-Pick n Pay kusukela ngomhlaka-1 Mandulo ngo-R250 kuphela.

“Abantu ababeke iso ezinkundleni zokuxhumana lapho ngizolokhu ngizomemezela khona ezintsha kuhlanganisa nemihlomulo yamathikithi ehlisiwe kanye nezaphulelo”, kusho uDladla Mshunqisi.

Mayelana nendawo entsha yokudayisa ukudla azoyivula uthe kusukela ngomhlaka-1 Mandulo 2024 izobe isisebenza. Le ndawo ezobizwa ngokuthi iMshunqo Bites izoba kuMatthews Meyiwa Road phakathi kwe-City View Shopping Centre ebizwa nge-Game City nesiteshi sika-petrol sakwa-Total e-Greyville.

“NJengamaciko asihleze siqashwa njalo, ngakho kubalulekile ukuthi sibe nezinye izindlela zokuthola imali. Ngiqale iMshunqo Bites esizoba sendaweni eyodwa maqondana ne-Game City. Sizodayisa ukudla okuphekiwe kuhlanganisa nokwesintu, ukudla okuphekwa masisha njengama-burger nama-chips. Sengijahe kabi ukunenzela ukudla ngendlela esesitayeleni”, kusho yena.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.