Izindaba

AZOQHUBEKA NJENGOBA KUHLELIWE AMA-CROWN GOSPEL AWARDS

EMUVA kokushona komsunguli wama-SABC Crown Gospel Awards, uZanele Mbokazi-Nkambule kube nokwesaba ukuthi lo mcimbi wezindondo ungase ungaqhubeki. Nokho abahleli bawo sebekuqinisekisile ukuthi noma kanjani lo mcimbi uzoba khona njengoba bekuhleliwe.

UZanele obengumsakazi woKhozi FM ushone ngoNcwaba emuva kokuxinwa isifo somdlavuza wamaphaphu esamphazamisa kakhulu emsebenzini njengoba agcina engakwazanga ukuqeda uhlelo lwakhe oluthi Eshilo ngoNdasa ngenxa yokuphelelwa umoya. Kwabe sekutholakala ukuthi unesifo somdlavuza.

Muva nje bese kwande izinkulumo zokuthi umcimbi wama-Crown Gospel Awards ngeke usaba khona ngoba umsunguli wawo akasekho. Ngesikhathi ekhuluma neziko lezindaba zobumnandi iTshisaLIVE, uSiyanda Mwandla ongumqondisi wezobuciko nomdanso ku-Croen Gospel Awards uthe akusilo iqiniso ukuthi lo mcimbi ngeke ube bikho.

“Yonke into ihamba ngokohlelo, asizukuwuhlehlisa umcimbi wezindondo futhi sinxusa abantu ukuthi bengalaleli amanga”, kusho uSiyanda.

Uthe kukhona izinto abasaziqedela nje kanti umphakathi uzokwaziswa uma usuku nendawo sekuhleliwe. “Ama-Crown Gospel Awards eshumi nesikhombisa azoba nakulonyaka futhi ukuqokwa kwabazongenela sekuvuliwe. Sithola nabaqokwe emazweni engaphandle kwakuleli. Uhlelo kufanale luqhubeke futhi ilokho kanye esikwenzayo”, kusho yena.

Yize ukushona kukaZanele kube kubi kwabaningi abamthandayo nabalandeli bakhe kodwa bekuphoqa ukuthi bagwinye itshe.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.