UTHI AKACABANGI UKUBUYELA KULELI OWAHOXA KU-MISS SA
UChidimma Adetshina oke waba sematheni emasontweni edlule ngenxa yokuthi abantu bakuleli bebengabaza ubuzwe bakhe njengoba ubengenele umncintiswano ka-Miss SA usezwakalise ukuthi akacabangi ukubuyela kuleli maduze. UChidimma ukhuluma kanjena nje ugcine ephoqeleka ukuthi ahoxe kulo mncintiswano ngenxa yengcindezi ayithole zinkalo zonke abantu bethi akakhishwe kuwo ngoba akanazo izingxabo zobuzwe bakuleli.
Bekusabalele izinsolo zokuthi uyise kaChidimma ungowokudabuka eNigeria bese kuthi unina abe ngowaseMozambique.
Abahleli bomncintiswano bagcine becela umnyango wezasekhaya ukuthi uphenye ngobuzwe bukaChidimma. Umnyango wenze uphenyo, wakhipha umbiko wesikhashana obuveza ukuthi kungenzeka ukuthi kwaba nenkohlakalo ngesikhathi umama wakhe enza isitifiketi njengoba kusolwa ukuthi wantshontsha umazisi komunye wesifazane owayenengane encane naye.
Njengamanje uChidimma usezweni lakubo kababa wakhe eNigeria lapho acelwa khona abahleli bomncintiswano wakhona i-Miss Universe Nigeria ukuba ancintisane nabanye ozime bakhona.
Ekhuluma nesiteshi somsakazo sakhona eNigeria uthe ubehlale njalo ekhala makumele elale ngenxa yalezi zinto ebezikhulunywa abantu ngaye. Uthe akajahile ukubuyela kuleli njengoba esakuthokozela ukuba kuleliyazwe.
Eqhubeka echaza uthe njengamanje konke kuhamba kahle. “Angicabangi nje ukubuyela eNingizimu Afrika. Kuningi engisafuna ukukufunda. Ngifuna ukuhlala isikhathi eside ukuze ngibone ukuthi yini enye ezolandela”, kusho yena
Uchaze uhambo lwakhe ku-Miss SA njengolube lude futhi lwaba nzima. “Bengike ngikhale lokhu kwangempela futhi ngizibuza imibuzo, ukuthi ‘kungani kube yimi?’ Benigfuna ukuqeda yonke lento. Kodwa wesinye isikhathi makufika izikhathi ezinzima kanje, kufanele ubuke uhlangothi oluhle lwalokhu okwenzakalayo”, kusho yena.
Uthe ubelokhu enalo vele iphupho lokungenela u-Miss Universe ngakho ubona ukuthi u-Miss Universe Nigeria uyithuba elihle elibheke kulo mqhele. “Into engiyilangazelelayo njengamanje ukujabula nje kuphela. Ngicabanga ukuthi ngifuna ukujabula mina futhi ngiphumelele”, kuphetha yena.