“ASINAWO UMSEBENZI EMAPHOYISENI ASEGOLI” – IMEYA DADA MORERO
KUSE ngokunye kwiMeya yaseGoli, ikhansela uMnuz. Dada Morero ngesikhathi amakhulu entsha yaseSoweto imashela ehhovisi layo ngoLwesithathu iphethe ama-CV ngoba ikholwa ukuthi kunezikhala zomsebenzi kulo masipala. Lokhu kusukela kwinkulumo eyenziwe uMnuz. Morero emhlanganweni weqembu lakhe i-ANC obizwa ngeLekgotla lapho eveze khona ukuthi amaphoyisa kamasipala abhekana nenselelo yokungabezwa abantu bokufika uma ebabophile ngenxa yolimi lwabo angalwazi, wabe esephakamisa ukuthi kuqashwe amaphoyisa angawokufika uma enamaphepha aqondile.
Lokhu intsha yaseSoweto ikutolike yathi shuthi kunezikhala zomsebenzi wamaphoyisa kumasipala waseGoli. Ibe seyibizana ukuthi inikele emahhovisi emeya ngoLwesithathu ihambise ama-CV.
Lentsha exakwe ububha ngenxa yokungasebenzi izichithile izinsolo zokuthi lokhu ikwenze ngoba icwasa abokufika kodwa ithe ifuna ukukhumbuza imeya kanye nohulumeni wonke ukuthi kunezinkulungwane zentsha engasebenzi uma kukuthi sebekhohliwe. Igcwale imigwaqo yase-Braamfonten, yafike yashiya ama-CV ayo emabhokisini amathathu agcwale onke phama ngaphandle kwehhovisi le meya. Ama-CV ale ntsha athathwe isikhulu esiphezulu ehhovisi le meya uMnuz. Tsumbo Nephawe egameni layo imeya.
Okhulumela le ntsha ebingaphandle kwehhovisi le meya, uKim Moloi uthe bebenethemba lokuthi bazobona yona qobo imeya njengoba ike yathumala umyalezo ukuthi izozifikela mathupha kubona. “Ukungasebenzi kusezingeni eliphezulu kuleli nobubha bukhulu kakhulu kanti abanye bethu bayondla emakhaya, ingakho silapha namhlanje. Abantu abaningi kulesixuku bafundile futhi baneziqu kanti iziqu zabo seziqala ukulala uthuli.
“Kubuhlungu ukubona lento, engikutholile nje namuhla ukuthi sinenqwaba yabameli kulesixuku”, kusho uMoloi.
Omunye wabebemasha, ongazishongo igama lakhe kodwa osemncane nje ngeminyaka uthe akukho okuningi angakusho kodwa ucela uhulumeni ukuba abanike imisebenzi. “Akukho okuningi engingakusho ngaphandle kokuthi kuhulumeni sidinga imisebenzi. nokuthi uhulumeni akacabangele thina kuqala”, kusho yena.
Owesifazane naye obemasha, u-Vanity Moyo uthe sekuphele iminyaka emibili manje engasebenzi, ephila ngesibonelelo sikahulumeni esingu-R350 naso esingenele njengoba enezingane ezimbili.
“Sekuphele iminyaka manje ngingasebenzi. Njengoba ngineminyaka engamashumi amabili nesishiyagalombili (28) nginezingane ezimbili, imali engiyithola ngenyanga u-R350 kuphela nayo engenele ukuthi ngingazondla ngayo kanye nomndeni wami. Ngize lapha ngethemba lokuthi ukukhala kwethu ngenxa yokungasebenzi kuzozwakala kumeya. Bekumele ngibe lapha ukuze ngibambe iqhaza ekulwisaneni nezinga lokuntuleka kwemisebenzi, okuyinto esiphethe kabi”, kusho yena.
Imeya yaseGoli, uMnuz. Morero uxolisile ngesiphakamiso sakhe ngesikhathi ekhuluma nabezindaba emuva kwalemashi. Uthe: “Azikho izikhala zomsebenzi kumasipala waseGoli futhi asinalo uhlelo lokuqasha olukhona okwamanje”. Uqhubeke wathi uyaqonda ukuthi kuzoba nakho ukudideka kubantu’, kusho yena.