EZOMPHAKATHIIzindaba

UMKHAYA MEDIA GROUP UFAKA ISANDLA EKULWENI NOBUGEBENGU EMACAMBINI

Kuyaziwa ukuthi umphakathi uthembele emaphoyiseni kanti nawo anomthwalo omningi wokubhekana nobugebengu obehlukene. Nawo amaphoyisa sekukaningi ecela amalungu omphakathi ukuba awalekelele ukulwa nobugebengu ezindaweni zawo.

Ngakho kuwumsebenzi wethu sonke ukucabanga ngomnikelo esingaba nawo kule nselelo esibhekene nayo endaweni yakithi. Kanjalo nokukhuluma ngenkinga yokuphuzwa kakhulu kotshwala nakho okuba nomthelela kwezinye izigameko ezingalungile emphakathini.

“Angeke sonke sibe semakomitini okulwa nobugebengu kodwa kukhona esingakwenza ukuqwashisa kanjalo nokufundisa umphakathi ngabo ubugebengu nokuthi kungenziwa njani ukubhekana nalenselelo esihlalise umphakathi wakithi lubhojozi ngale ndlela engayejwayelekile”, kusho uMnuz. Mthethwa.

NGALESIZATHU esingenhla ingakho Umkhaya Media Group uhlela lo mkhankaso ohlose ukusungula ingxoxo, ukuqwashisa kanye nokuqhamuka namasu okunqanda ubugebengu endaweni yethu.

Isithombe: Esikhombisa imininingwane yomcimbi wokuqwashisa ngobugebengu ohlelwe Umkhaya Media Group (Pty) Ltd

“Njengomhleli, Umkhaya Media Group ungakuqinisekisa ukuthi amaphoyisa e-SAPS azobe ekhona, umnyango wezokuthuthukiswa kwenhlalo (social development), abe-KZN Liquor Authority, nomnyango wezempilo ozobe ulethe izinsiza zawo emphakathini njengokuhlolwa kwezifo, nokunye okuningi. Eminye iminyango kanye nobuholi bendawo siyakhulumisana nabo kuba belekelele ukwenza ukuthi umkhankaso womphakathi ube impumelelo”, kusho uMnuz. Mthethwa.

Kucelwa zonke izinhlaka ezilwa nobugebengu ukuba zibe ingxenye yalo mkhankaso ozobe ungoLwesihlanu mhlaka-27 Mandulo 2024, e-Magic Sportsground ngo-10:00 ekuseni. Kuyoba nomdlalo webhola lezinyawo wamaqembu amenywe Umkhaya Media Group ngaphambi kokuqala komcimbi omkhulu.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.