EZISEMATHENI

UBUNTU BOTHO LIFE NETHUBA KWABAFUNA INTO YOKUPHILA ENGENABUNGOZI

KUYINTO eyaziwayo ukuthi isimo somnotho asisihle eNingizimu Afrika kanti nobubha buthe bhe emiphakathini ehlala abantu bakithi kakhulu abamnyama. Ukuntuleka kwemisebenzi enye yezinto ezinomthelela kulesi simo esikhona ezweni. Ngakho kunesidingo sokuthi abantu bebe nento ezibanika ithuba lokuphila futhi bekwazi ukuzakhela imali ngokuzikhandla kwabo engekho umuntu obalandela ngemuva.

UBUNTU Botho inkampani esebenza ngezezimali futhi enombono wokuthuthukisa abantu ngokuthi nabo bethuthukise abanye emiphakathini yabo eNingizimu Afrika. Ihlose ukudala isimo esihle sezezimali kulabo abakhetha ukuba ingxenye yayo ngokuthi babe ama-Champion.

Umbono wesikhathi eside wenkampani Ubuntu Botho Life ukubona abantu benendlela yokuzikhipha osizini futhi bengabekelwe sikhathi sokukwenza lokho kodwa kuncike esidingweni sabo sokuthi bafuna ukuthuthuka nini. Abantu abasebenzisana no-Ubuntu Botho Life bangama-Champion, yibona abaqhuba ibhizinisi le nkampani nabo futhi bebe bezuza.

Ukuze ube i-Champion kumele ujoyine omunye wemikhiqizo yo-Ubuntu Botho Life bese nawe uba yilunga eliphelele. Emuva kwalokho nawe uzobe sewujoyinisa abantu usebenzisa i-link yakho oyithola ngesikhathi usuqede yonke imibandela yokujoyina. Abantu abajoyina ngaphansi kwakho ibona abengeza imali ephaketheni lakho elibizwa nge. Kusho ukuthi uma ujoyinisa abantu abaningi nawe uzuza kakhulu.

QAPHELA, Ubuntu Botho Life ayisilo ibhanoyi kodwa inemikhiqizo eminingi ewusizo kulabo abayijoyinayo. Lemikhiqizo nansi ngezansi:

*Umasingcwabisane okhava umndeni

*Ukukulwela ngezomthetho uma kusetshenziswa ngokungeyikho imininingwane yakho ezinkundleni zokuxhumana

*Uma ushiwe ibhasi obulibhukhile elingaphansi kwesisebenzisana nawo, ubuyiselwa imali yakho

*Ukulandwa kwesidumbu noma ngabe sikuphi eNingizimu Afrika

*Ukudala ithuba lokwenza ibhizinisi

Le mikhiqizo engenhla ihlukene ngokwamanani ekhokhelwa yona njalo ngenyanga, kuya ngokuthi kwengezwe ini. Ibiza phakathi kuka-R95, R250 no R495 kuphela.

Uma ufuna ukushintsha impilo yakho, qala manje ngokujoyina Ubuntu Botho. Uma ubunesifiso sokuqala ibhizinisi kodwa ungazi ukuthi uzoyithathaphi imali yokuliqala, akuhluphi kusukela ku-R95 ngenyanga ungaqhuba ibhizinisi elingashintsha isimo sakho sezezimali. Konke kuncike ekuzimiseleni kwakho.

Okudingayo umakhalekhiwini noma i-laptop, bese sikuhlinzeka ngolunye ulwazi ozolundinga uma ususebenza. Sinezinhlelo zokuqhuba ukufundisa ama-Champion ethu kanye nabantshisekelo yokusojoyina ngokuhlale njalo siba nama-online webiner futhi siyakweseka lapho oxakeka khona. Emasontweni ezayo sizongena sigxile emikhiqizweni nakweminye imisebenzi eyenziwa uBuntu Botho Life.

Njalo ngoLwesibili uMKHAYA uzobe uqhuba izinhlelo zokufundisa ngoBuntu Botho nokuthi ungaba kanjani ingxenye yalolu hlelo oselushintshe izimpilo zabantu abaningi. Lalela i-podcast yoMKHAYA ethi Siphetha Imbenge bukhoma ekhasini lika-Facebook njalo ngoLwesibili ngo-19:45 kusihlwa.

Okudingeka kakhulu uma ufuna ukuba ingxenye ukuzimisela, ikhono lokukwazi ukuxhumana nabantu, ukwakha amasu okunxenxa abantu nokukwazi ukugqugquzela labo osebenzisana nabo.

Uhlelo olubizwa nge-Refer & Earn Community lukunika ithuba lokwazisa abanye abantu ngoBuntu Botho Life, okuye kuthi uma bethenga imikhiqizo yayo (ibalwe ngenhla) ekhokhelwa njalo bese wena uzizuzela imali eza ephaketheni lakho. ISIBONELO uma ujoyinisa ikhasimende umkhiqizo ongu-R250 wena unikwa imali engu-R50 eya ephaketheni lakho. Uyabonake ukuthi uma usebenza ngokuzimisela uzuza kaknjani?

*Ungaphuthelwa ukulalela njalo ngoLwesibili i-podcast yoMKHAYA ethi ‘Siphetha Imbenge’ bukhoma ekhasini lika-Facebook njalo ngoLwesibili ngo-19:45 kusihlwa.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.