U-NIMROD NKOSI UNGUQWEQWE LOMMELI EMDLALWENI OMUSHA
UMLINGISI obese kunesikhathi eside agcina ukubonakala kumabonakude, uNimrod Nkosi uzovela emdlalweni omusha ozodlala ku-Showmax othi Law, Love and Betrayal. Kulo mdlalo uNkosi udlala indawo yommeli owuqweqwe, okhule kanzima kodwa ngenxa yokuzimisela wagcina ekwazile ukuthola imfundo embeke kuleli zinga akulo manje.
Lo mmeli onguGatsha Gumede (indawo edlalwa uNkosi) uyakhula emkhakheni wezobummeli aze avule inkampani yakhe yezomthetho. Uyiqala phansi ize ibe seqophelweni eliphezulu isibizwa nge-Gumede & Associates.
Ngokusho kukaNkosi ukungena kwakhe kulo mdlalo kugqugquzelwe ukubuka amafilimi abalingisi abafana no-Blair Underwood owayedlala ku-LA Law nokwakunguye kuphela umdlali omnyama kulowo mdlalo.
“Ngikhule ngiyibuka imidlalo namafilimi akhuluma ngezomthetho kuhlanganisa ne-Boston Legal, LA Law, Matlock, Chicago Law ne-To Kill a Mockingbird“, kusho yena.
Uthe unabangani abangabameli abamchazelayo ukuthi ukuthi izinkantolo zaseNingizimu Afrika zehluke kakhulu kunezakwamanye amazwe. “Lapha ekhaya, abadlali kumele bathembele endleleni umuntu abukeka ngayo ebusweni nangendlela anyakaza ngayo. Ngamanye amazwi amaphesenti angamashumi ayisishiyagalombili kwalokhu okwenziwayo kumele aqhamuke kumlingisi”, kusho uNkosi.
Uthe inkampani ebizwa ebizwa nge-Dramatec imqeqeshe ngokwanele. Omunye abalingisa nay, u-Aneliswa Phewa waungula inkampani ebizwa nge-Dramatec nokuyiyona emsize kakhulu ukuthuthukisa ikhono lakhe kwezokulingisa.
Into nje athe uyithole inzima ukuyiqonda ukuthi kungani indawo ayidlalayo kaGumede iveza umuntu onenhliziyo elukhuni futhi ongenamusa kubantu. “Usezuze lukhulu empilweni, amadoda afana naye sebebone okukhulu benza izinto ezinkulu ezikhathaza umqondo wabo.
“Ungacabanga ngamacala aseke wawasebenza nomthwalo osemahlombe akhe. Kodwa ebengikwenza ukuthola ukuthi yini lena emkhathaza kangaka. Mina nje angisiye umuntu ovele adinwe. Ngiyabathanda abantu futhi ngiyathanda kakhulu ukwangana. Ingqikithi ibilapho kakhulu ukuthi kufanele ngiphume ekubeni uNimrod ngoba nginenhliziyo enhle kakhulu.