EZISEMATHENIImibono

OKUBI KWEHLELA NOMA NGABE UBANI, AWUWEDWA

MFUNDI wengosi yethu ehamba phambili, namuhla ngigqugquzela ukuthi silahle umqondo wokubalisa nokukhala njalo. Kunabantu abahlale njalo bekhuluma ukwehluleka nokubalisa okungapheli. Sonke isimo esibi noma esinzima basenza sibe ngabo. Umuntu uze ahlale eziveza engocindezelwayo kuzosonke izimo. Omunye uze athi vele yena wadalelwa ukuhlupheka. Ayingozi lawomazwi ngoba asuke ekhombisa ukuthi uyakwemula lokho futhi awuziboni uphuma kukho.

Umlomo uyadala. Aqaphele kakhulu amazwi owakhuluma kuwe ngawe. Abanye abantu sebeyoze bekugweme ukuba nawe ngoba bayazi uhlale ubalisa ngosizi uhlale ukhala. Ake uyeke ukuhlala njalo ubalisa nalapho singekho isidingo. Wena ungazitshela ukuthi isimo sakho sinzima kanti awkaboni lutho futhi awukezwa lutho. Kunabantu lapha emnyango abadlule ezimeni ezinzima futhi ezinkulu kunalesi okhala ngaso. Ukuxakeka kwethu akufani kanti futhi wonke umuntu unendaba yakhe. Akunguwe wedwa oxakekile. Angisho ukuthi ungakhulumi ngibunzima obhekene nabo kepha ngigqugquzela ukuthi ungabalisi ngabo nalapho kungafanele khona. Akube khona okwenzayo ukuzama ukushintsha isimo sakho ungavumi ukufela kulesosimo. Unamandla amaningi ngaphakathi kuwe kanti futhi ubusisiwe nangomqondo wokucabanga. Khuluma ukunqoba nokuphila empilweni yakho.

Akuqali futhi akugcine ngawe ukuthi Izinto zingahlangani. Lesi simo obhekene naso kukhona abake babhekana naso izikhathi eziningi futhi singapgezulu kunesakho. Zama ukwedlula ezimeni uphose amehlo akho ekuphileni. Abanye abantu bagcina sebekwenza ihlaya okanye udaba lwakho baludlulisele kwabanye ngenhlebo. Lugcine selubuya luzokulimaza ngoba lusuke lungaseyona lento obuyixoxile lusuke selunongwe nangamanga. Qaphela izinto ozixoxela abantu. Ungavami ukuxoxa yonke iminuningwane yosizi lwakho kukhona abantu abasizakalayo bajabulele ukuthi izinto azikuhambeli kahle. Abanye bayajabula uma bekubona uxakekile.

Bala izibusiso zakho. Mbonge UJehova ngethuba lempilo. Ukuphila nje kukodwa kungumusa omkhulu. Baningi abangalubonanga lolusuku lwanamuhla. Usuku nosuku luyithuba elisha lokulungisa esihluleke kukho nokuzama amasu amasha okushintsha izimpilo zethu nalabo abasondelene nathi. Phila ngendlela yokuthi beze bezibuze ukuthi uphila kanjani ekubeni unezinselelo ezingaka. Ungalilahli ithemba futhi uqhubeke uzikhandle kuyoze kulunge. Impilo ingeyakho. Ngeshwa asizikhetheli ukuthi siyozalelwa kuphi nasemndenini onjani. Ngeke sikwazi ukushintsha izolo lethu kepha sinamandla okushintsha ikusasa lethu, ngokwenza kahle manje. Impilo incike kakhulu ezinqumeni esizithathayo.

Kuyenzeka futhi uxakekiswe yizinqumo ezathathwa ngabazali bakho okanye ngabanye nje abantu. Lezo zinqumo bese zikhanda isimo esithile ozithola ukuso noma osekufanele usilungise. Nakuba kunjalo ungawemukeli umqondo wokuba isahluleki. Empilweni siyazabalaza kuze kulunge okanye sife sizabalaza. Mina ngazitshela ukuthi umhlaba nabantu engiphila nabo abangikweleti lutho, Impilo yami isezandleni zami noMdali wami. Uma ubeka ithemba lakho kakhulu kubantu kuba nokuphoxeka. Wonke umuntu unosizi lwakhe. Uma usungene nje esigabeni sobudala kumele ufunde ukuzimela. Ungabi wumthwalo. Kuncono ukhombise ukuthi nawe uyazama kunokuhlale ubalisa ngokuthi abantu abakusizi. Uzogcina unenzondo nomona ngokuphumelela kwabantu. Inhliziyo yomuntu ithengwa ngemisebenzi emihle nokwenza kahle. Ngeke sizikhathaze ngawe ekubeni uwuhlupho.

Usizi alukhethi luvakashela noma ngabe ubani.

Sula lezo nyembezi ubhekane nempilo emehlweni uzonqoba. Khuleka. Xhumana nabantu. Hlonipha umhlaba. Ungalahli ithemba ungawalahli amaphupho akho. Lokhu obhekene nakho kuzodlula futhi okuningi kuhle okuzayo. Izivivinyo zihlola ubuqhawe bakho, lokhu kusasa kuzoba ngumlando. Yonke into inesikhathi sayo.

Kunamathuba onawo nezinto onazo abanye abantu abangenakho. Kunabantu abadlule osizini olukhulu kunalolu okhala ngalo. Shintsha indlela yokwenza ukuze uthole imiphumela ehlukile. Ungaqhuzulwa yitshe elilodwa izikhathi zize zibe yisihlanu. Yiba nomhlangano nawe uqobo ucabange amasu okubhekana nempilo. Uma enye into ingalungi Ake ubheke indlela oyenza ngayo mhlawumbe sekumele ushintshe ukwenza. Ungachithi isikhathi entweni obona kahle ukuthi ngeke ilunge noma ungenzani. Akulona icala ukushintsha. Yenza into ezokukhulisa ngokomqondo. Empilweni akuyona yonke into esiyifisayo esiyoyithola, izimo ziyenza ugcine ubona ngathi uyanhlanhlatha kakhulu futhi sewuqhele kakhulu kulokhu owawukufisa. Lalela inqobo nje uma lokhu okwenzayo kukukhulisa futhi kukuphilisa qhubeka nakho. Uma sikhula Kuyenzeka amanye amaphupho egcina engafezekanga kodwa sibe ngabanqobi empilweni. Amanye amaphupho ethu afezeka ngendlela ehlukile kunalokhu esasikufisile. Ekugcineni inhloso nesizathu sokuphila kwakho yikhona okugcina kwenzeka.

Ngisakhula ngangifisa ukuba nguthishela noma ngibe umsakazi. Konke lokhu akwenzekanga kepha ngokwenhloso kaJehova ngempilo yami ngizithola ngifundisa abantu ngempilo. Ngizithola ngikhuluma emisakazweni eyahlukene. Lokhu kungenza ngibone ukuthi iphupho lami lifezekile kodwa ngendlela ehlukile. Lokhu kubiza ukuthi ujule izinto uzibheke ngobuchule. Phonsa amehlo nomqondo wakho ekukhanyeni. Lokhu ophonsa umqondo wakho kukho kuzokwanda. Uma ugxila ekuhluphekeni nosizi kuzokwanda. Uma umqondo wakho uwubhekisa ezintweni eziphilisayo kuzophileka. Ungembathi umqondo wokwehluleka. Khala ube uqhubeka uyaphambili njenge-ambulensi.

Kuze kube ngokuzayo.

Boni Mahlinza

*UBoni Mahlinza ungusomabhizinisi, umbhali wencwadi ethi ‘Don’t Die In The Cage’ nomqeqeshi wempilo

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.