UZONYAKAZISA ITHEKU NGOBUMNANDI IMPELASONTO YONKE UDLALA THUKZIN
KUZOBA impelasonto engasoze yalibaleka yobumnandi eThekwini kusukela mhlaka-27 kuya ku-29 Mandulo njengoba u-DJ ophinde abe umdidiyeli womculo weGqom, uThuthuka ‘Dlala Thukzin’ Zindlovu ehlele uchungechunge lwemicimbi yobumnandi ebizwa nge ‘The Dlala Thukzin Weekend ‘. Lokhu uThukzin ukuveze ekhasini lakhe le-Instagram lapho ethe kuzokhathala bona abathandi bobumnandi eThekwini namaphethelo njengoba bezozijuxuxa izinsuku ezintathu zonke.

Isithombe: Siveza imininingwane ngomcimbi kaDlala Thukzin ozoba seThekwini
Kule micimbi kuzobe kuboshelwe abaculi balapha eNingizimu Afrika nabakwamanye amazwe kanti okokuqala ukuthi kube nomcimbi okuleli qophelo ohlelwa umuntu oyedwa eThekwini izinsuku ezintathu.
Le micimbi izoqala ngoLwesihlanu eBat Centre lapho kuzobe kukhona inkomfa ezodingida izihloko ezithinta umculo, ibhizinisi, kuphinde kuvulwe ngokusemthethweni le mpelasonto eyingqophamlando. Kulo mcimbi kuzodaleka ithuba elikahle lokuxhumanisa osomabhizinisi abasemkhakheni wezikaqedisizungu kanye nabanye abantu abasebenzisana nawo.
Kuzothi ngoMgqibelo kube ne ‘The Dlala Dance Fest‘ okulindeleke ukuthi ihehe izinkumbi zabantu e-North Beach Amphitheatre. Lo mcimbi ozoqala ngehora leshumi nambili emini uzobe ungowobumnandi njengoba kuboshelwe abaculi no-DJ bakuleli nabakwamanye amazwe kanti wona uzodonsa kuze kube iyo leyondaba.
Ubumnandi buzoqhubeka kube iSonto lapho kuzoba ne ‘Dubane Sports Day‘ ezobe ihlanganise imidlalo enhlobonhlobo. Emidlalweni ezokwenziwa kukhona nowegalofu ohlelwa iMapholoba Foundation, eThekwini Fun Walk ne-Beyond Games. Kuzophinde kube nemidlalo yebhola ehlelwa abangani bakaThukzin.