Izindaba

UKHUZA IBUYA EMCULWENI NGEDILI LOMCULO UZULUBOY

UMCULI we-rap ophinde abe umlingisi, uZuluboy ukhuza ibuya emculweni ngidili lo mculo elizoba se-Braamfontein e-Untitled Basement ngomhlaka-1 Mandulo nonyaka. Kuleli dili elibizwa nge ‘Mayibuye Unplugged ‘, uZuluboy uzobe ecula kulo bukhoma kanti uzobe ebambisene nabaculi abanye babo abehlanganisa nabo bengakaveleli emculi njengo-Feezy SA, Blazer, Sleketon nabanye abaningi.

Kuzokhumbuleka ukuthi uZuluboy uke wathi ukuthatha ikhefu kancane emculweni wagxila kwezokulungisa. “Ithalente elivivinyiwe livunda njengewayini. Ingoma yinto abantu akade bayigcina. Into ekhethekile ngalo mcimbi ukuthi ngizobe ngicula ne-band, kune-piano, bass guitar,nama-drums. Ngizobe nginanomculi obukelwa phansi kodwa owenza izimanga, uMpho Tshwale. Kuzophinde kube nohlelo lokubonisa ngempahla yokugqoka okuzoqondiswa u-Andile Cele”, kusho uZulu Boy ezikweni lezindaba i-Times LIVE.

“Sesisebenze kakhulu ndawonye ngakho ngilindele ukuthi kube umsebenzi wokubambisana kwabantu abayizinkakha emikhakheni abakuyona futhi abayithandayo into abayenzayo”, kusho yena.

Leli dili lo mculo elise-Braamfontein lizofolosela elinye elilindelwe ngabomvu lapho uZuluboy ezobe enandisa yedwa njengoba liqondene nokugujwa kwenyanga yamagugu nokuthi naye ugubha iminyaka engamashumi amabili esendimeni yomculo kanti kulindelwe ukuba aqhulule amanoni akhe aziwa kanye nezingoma ezintsha.

“Lizoba ngesonto lokugcina le nyanga yamagugu ngakho lizobe lihlobe ngengoma eqhakambisa ubu-Afrika. Sizobe siphambi kwamakhosi futhi uZuluboy uzogcotshwa njengenkosi yesizwe saBakholokoe. Yonke into izobe ihlukile. Uhlelo nabantu abazonandisa kuzobe kuhlukile”, kusho abahleli.

Isithombe: Esiveza imininingwane ngomcimbi kaZuluboy

Amathikithi alo mcimbi atholakala online e-Quicket.co.za ngo-R250 kanti emnyango lingu-R300. Ngeminye imininingwane kungashayelwa le nombolo 076 174 8730.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.