EzosaziwayoIzindaba

OWE-SKEEM SAAM UBONGE UMNDENI WAKHE ENQOBA INDONDO

UBONGE umndeni, abangani nabalandeli bakhe umlingisi we-Skeem Saam, uLethabo Mekoa odlala indawo kaNtshwaki kulo mdlalo ngesikhathi enqoba indondo ye-Best Newcomer Actress Award kuma-Royalty Soapie Awards. Le ndumezulu yomcimbi wezindondo wokuhlonipha amaciko ububanjelwe e-Heartfelt Area ePitoli ngoMgqibelo, mhlaka-24 Ncwaba.

Ekhuluma emuva kokuhlabana ngayo le ndondo uLethabo ekhasini lakhe lezinkundla zokuxhumana uthe ujabule kakhulu ngokuhlonishwa. Uthe lomzuzu uwumphumela wokusebenza kanzima, ukuzinikela kanti nokuzimelela okumgqugquzela usuku nosuku. “Emndenini wami, abangani nabalandeli, ngiyabonga ngokungethemba nokweseka amaphupho ami. Le ndondo akusiyo nje eyami; kodwa eyethu sonke”, kusho yena

“Zonke izinhlolakhono engizenzile, ukulala sekwedlule isikhathi ngenxa yokuziqeqesha, zonke izikhathi lapho bengingazethembi khona kungiholele ekutheni ngizuze lo mklomelo omkhulu kangaka. Kodwa kuseyisiqalo lesi.

“Ngithokozile kakhulu ukuthi ngabelane nani udaba lwami, ukukhula kwami, nomsebenzi wami. Sengathi lokhu kungaba isiqalo sohambo olude oluzayo, ukufunda izinto emaphutheni nenjabulo. Lide ibanga elisazohanjwa, kodwa ngililungele ukuluhamba nani eduze kwami”, kusho uLethabo.

Abanye abahlonishiwe kulezi ndondo umbhali, umdidiyeli nomqondisi wemidlalo kamabonakude, uMnuz. Duma Ndlovu oklonyeliswe nge-Trailblazer Award. UNdlovu ubehlonishwa ngale ndondo ebalulekile ngomsebenzi wakhe, nangomnikelo abe nawo endimeni yezikamabonakude.

Ngale ndondo bekugqanyiswa umsebenzi wakhe ozikhulumelayo, kanjalo namagalelo akhe emkhakheni wemidlalo ewuchungechunge. Ezikhulumela uthe: “Ukwamukela le ndondo ye-Trailblazer Award kusho ukuhlonipheka okukhulu kimina futhi ngiyazithoba kakhulu ngokuhlonishwa ngayo.

“Kuyinto enkulu kimina ukuthi ngibe ingxenye yendima kamabonakude isikhathi eside kangaka, futhi ngisazimisele ukuthi ngenze konke engingakwenza ukuxoxa indaba ngokuhlukana kwabantu ababukelayo emhlabeni wonke”, kusho uMnuz. Ndlovu.

Abanye abanqobile kulezi ndondo naba ngezansi:

Outstanding male villain – Mduduzi Mabaso as Mgedeza in DiepCity

Outstanding supporting actor – Crispen Nyathi as Charleston in DiepCity
Outstanding supporting actress – Harriet Manamela as Meikie in Skeem Saam
Outstanding female villain – Deli Malinga as Mamzobe in Umkokha – The Curse
Outstanding couple – Lerato Mvelase as Dumisani Mbebe as Noxolo Nobengela and Melisizwe Nobengela in The Estate
Outstanding newcomer – Nefisa Mkhabela as Ona in House of Zwide
Outstanding young performer – Karabo Magongwa as Keletso in House of Zwide
Outstanding lead actor – Motlatsi Mafatshe as Molefe in House of Zwide
Outstanding lead actress – Zikhona Sodlaka as Bulelwa Mxenge in Gqeberha – The Empire
Outstanding daily TV drama – The River
Most watched show – Uzalo
Viewer’s choice best actor – Mahlatse Moropo as Letetswe in Skeem Saam
Viewer’s choice best actress – LethaboMekoa as Ntswaki in Skeem Saam
Most popular show – 7de Laan
Lifetime achievement award – Jeremiah Mofokeng
Social cohesion – Binnelanders

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.