KUBANJWE IDAKAMIZWA NEMALI YOMGUNYATHI KWABOKUFIKA ETHEKWINI
AMAPHOYISA aKwaZulu-Natali abephume umkhankaso wokukhuculula idolobha laseThekwini ngoMsombuluko ekuseni nokuyilapho ebophe khona inqwaba yabantu bokufika abatholakale nezidakamizwa ezingadayisa imali engu-R1.9 million, kanye nemali yomgunyathi yakuleli nengamadola ase-US engabiza R4 million.
Abanye ababoshiwe bokufika abayikhulu namashumi amathathu (130) batholwe bengamele izakhiwo kodwa bengenazo izimvume zokuzengamela. Iningi lababa ababoshiwe bebengenazo nezimvume zokuba kuleli.
Inhloso yalo mkhankaso bekuwukulandela, futhi kutholakale konke okungekho emthethweni okungaba izibhamu, izidakamizwa nokungamelwa kwezakhiwo ngokungenamvume.

Esithombeni: Undunankulu waKwaZulu-Natali, uMnuz. Thami Ntuli, ukhomishane wamaphoyisa esifundazweni, uLt. Gen. Nhlanhla Mkhwanazi nemeya kamasipala waseThekwini, ikhansela uMnuz. Cyril Xaba.
Kubaholi ababonakale kulo mkhankaso, ukhomishane wamaphoyisa esifundazweni sakwaZulu-Natali u-Lt. Gen. Nhlanhla Mkhwanazi, undunankulu wesifundazwe sakwaZulu-Natali, uMnuz. Thami Ntuli kanye nemeya kamasipala waseThekwini, ikhansela uMnuz. Cyril Xaba.