Izindaba

UNGIZWE MCHUNU UNQUMELE ABAHLELI BEMICIMBI UGWAYI KATIKI

OWAYENGUMSAKAZI woKhozi FM, uMnuz. Ngizwe Mchunu usenqumele abahleli bemicimbi ugwayi katiki njengoba ethi uma bengabakhokheli abaculi imali yabo kuze kuphele izinsuku eziyisikhombisa buzochitheka bugayiwe. UNgizwe ubekhuluma kanje ebhekise kuMnuz. Xolani Mcineka ongumhleli womcimbi oba minyaka yonke Impucuzeko.

Kuvele izindaba zokuthi abaculi abaningi abebenandisa kulo mcimbi osanda kwenziwa e-People’s Park eThekwini abakhokheliwe imali yabo, abanye sebetsheliwe ukuthi ngeke beyithole.

“Lento eyenziwe Impucuzeko ukudlala ngabaculi. Ingakho abaculi abaningi befa bengenamali, imindeni yabo ize ihluleke nokubangcwaba. Ungawuhlela kanjani umcimbi endaweni ebiza kanje, unabaxhasi abafaka imali kodwa ungabakhokheli abantu okuyibo abadonsa izinkumbi ezizobuka. Amahlathi lawa”, kusho umthombo.

Omunye umthombo uthe uMcineka ungusomathuba. “Uthatha amaciko kancane, ududwa ukuthi bayamethemba. Basuke bezitshela ukuthi uzokwenza iqinisi abakhokhele imali yabo.

“Abanye abaculi abaculi sebeze bakhuluma noNgizwe Mchunu ukuze abasize. Kukhona ababesuka ezindaweni ezikude njengasoPhongolo naseManguzi kodwa ababuyela emuva bengaphethe lutho”, kusho lo mthombo.

Ebuzwa yiTimesLIVE uNgizwe ngalokhu, ukuqinisekisile ukuthi ukhulumile noMcineka, wamnqumela isikhathi sokukhokhela amaciko imali yawo. Uthe umtshele ukuthi mayengakhokhi uzovula icala emaphoyiseni aphinde atshele abaculi ukuthi bengalubhadi emicimbini ayihlekayo.

“Basebenzisa ithuba ukuthi bazicebise bona, ukuxhaphaza abantu lokho. Ngakhethwa ISilo ukuthi ngibe umengameli wamabhinca futhi ngiqinisekise ukuthi awaxhashazwa.

“Ngimnike umnqamula juqu wokuthi akhokhele abaculi zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa. Ungasho kanjani ukuthi awunayo imali ekubeni abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu bebe bakhokha imali engu-R150 yokungena umuntu ngamunye emcimbini wakho. Akuyo into entsha ngoba kunabaculi osekuphele iminyaka emithathu bengakhokhelwe. Uma engakhokhi kuze kuphele izinsuku eziyisikhombisa ngizomvulela icala lokuxhaphaza abantu emaphoyiseni”, kusho uNgizwe.

Imizamo yokuthola uMcineka ayiphumelela njengoba ubengayiphenduli imiyalezo athunyelelwa yona.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.