Imibono

AKUKHO SOKA LINGENASICI – UTHATHA UMHLALAPHANSI UZONDO

Umengameli wamajaji kuleli uJaji Raymond Zondo uzozibeka ethala ngokuphela kwenyanga kaNcwaba. OkaSikhangane uvaleliswe ngomcimbi wokumhlonipha obungesonto eledlule enkantolo yomthetho-sisekelo, eBraamfontein. Kulo mcimbi bekukhona izimenywa ezihlukene esingabala kuzo osopolitiki kanye nezingwevu zezomthetho.

Izikhulu ezihlukene zishiyelane inkundla zibeka amazwi okuvalelisa kuZondo. Zonke izikhulumi bezincoma igalelo abe nalo obenguMengameli wamajaji ekuthuthukiseni ezomthetho kuleli. Impela kuningi okuhle okukhulunyiwe ngaye kusukela aqala ukusebenza njengejaji eminyakeni engama-27 edlule.

Okubukeke kuyiyona nto abantu abaningi abebemtusa ngayo okaSikhangane, igalelo abe nalo ekuqinisekiseni ukuthi amajaji abantu besifazane anikezwa amathuba alinganayo nawamajaji esilisa. Kunconywe kakhulu futhi nelukuluku lakhe lokuqinisekisa ukuthi la majaji esifazane aqashwa ngokuphelele.

Ujaji uZondo kuzokhumbuleka ukuthi wazakhela udumo ngesikhathi ehola ikhomishani eyayiphenya kabanzi ngokuqonelwa kombuso (state capture commission). Lolu dumo lwamenza wathandwa ngabanye babahlali balapha ezweni. Kodwa-ke, njengoba nesisho sisho nje, akukho soka lingenasici. Akubona bonke abantu abambona njengeqhawe uSikhangane, ikakhulukazi labo abangabalandeli bomholi weqembu elisanda kusungulwa i-MK Party, uMnu. Jacob Zuma.

Baningi abakholwa ngukuthi wasebenzisa Amandla akhe ngendlela okungesiyo ngesikhathi esingethe le khomishani.
Okunye okwenza alandelwe ifu elimnyama ujaji uZondo ukuthi kunabantu abakholwa ngukuthi uyimbangela yokusuka kothuthuva nezidubedube zango nyaka wezi-2021 mhla kuboshwa uMsholozi. Lokhu kuza ngemuva kokuba kwaba khona ukungaboni ngaso linye phakathi kwakhe uZondo noZuma kulandela ukungalaleli imithetho yekhomishani kukaZuma. Okukhalisa abaningi ukuthi uZondo uzithole esegamenxe kwezepolitiki nokumenze wabonakala ngengomuntu ongenabo ubulungiswa.

Impela ngiyaphinda ngithi alikho isoka elingenasici. Naye-ke okaZondo asikwamukele ukuthi ubengeke abe muhle kubona bonke abantu kodwa kuhle sikhumbule imisebenzi emihle ayenzele ezomthetho nobulungiswa bakuleli.

*USandile Khumalo ungumbhali wezincwadi zesiNguni, intatheli ezimele futhi wenza izifundo zobungatheli e-Wits University

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.