Izindaba

UMYENI KA ZANELE MBOKAZI USESIVALILE ISAHLUKO ESAVULWA UMBULI

UKUQEDILE ukukhuluma umyeni wobengumsakazi woKhozi FM ongasekho, uZanele Mbokazi-Nkambule ngodaba oluke lwaba sematheni emuva nje kancane kokumenyezelwa ukushona kwakhe. Kuzokhumbuleka ukuthi imbongi, uMzwakhe Mbuli waveza ukuthi ama-SABC Crown Gospel Awards kwakuwumqondo wakhe, yize kunjalo akabanga nankinga uma ebona uZanele eqhubeka nawo, ewenza.

Lokhu kususe omkhulu umsindo ezinkundleni zokuxhumana abantu begxeka uMbuli ngokuphakamisa lolu daba ngaphambi kokuba angcwatshwe uZanele. Nakuba uMbuli washo ukuthi mayethola isikhathi uzoya emngcwabeni kaZanele kodwa abantu abaningi babecabanga ukuthi ngeke alubeke.

Kuthe ngoLwesithathu u-Bishop Mpendulo Nkambule wathumela umyalezo kuMbuli emazisa indlela azizwa ngayo ngaye nokuthi uZanele wayemazisa kanjani. “Ngiyazi ukuthi uZanele ubekuthanda futhi ubekhuluma kahle ngawe. Akaze abe nencane inkinga ngawe. Ubekuhlonipha futhi ekuthatha njengomfowabo. Nami futhi ngikuhlonipha kakhulu. Ngiyabonga mfowethu. Konke kuhle”, kusho umyalezo.

Ngesikhathi uMbuli eveza lezindaba ezashaqisa abantu abaningi waze wafakazisa ngo-Advocate Dali Mpofu ethi uyazi naye ukuthi ama-SABC Crown Gospel Awards ayengumqondo wakhe ngoba ngaleso sikhathi wayeyi-Group CEO e-SABC. Nokho washo ukuthi akaze amlwise uZanele ngalokho ngoba wabona ukuthi kuzosiza abaculi bomculo wokholo ababenganakwe muntu kodwa wayefuna kwaziwe iqiniso.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.