I-BLACK MAMBAZO ITHUNGATHA AMAQEMBU ESICATHAMIYA
UMCULO wesicathamiya ungeminye wemidala kakhulu kuleli futhi ebinesasasa emalokishini nasezindaweni zasemakhaya kodwa ukungena kwezinhlobo ezintsha zomculo othandwa yintsha kwenze lwehla isasasa lwawo. Kungalesi sizathu iqembu lakuleli eselike lanqoba izindondo kuma-Grammy Awards, i-Ladysmith Black Mambazo liphume umkhankaso wokuthungatha futhi ligcine lomculo uthakaselwa abantu nokugqugquzela ukuba ugcinwe njengegugu.
Njengoba kulo nyaka leli qembu ligubha iminyaka engamashumi ayisithupha nane (64) likhona endimeni yomculi, limema aamaqembu esicathamiya asafufusa namadala emcimbini wokuhlola amathalente kanye nedili lomculo. Lo mcimbi kuhlelwe ukuthi ube ngoMgqibelo mhlaka-31 Ncwaba e-Ladysmith Civi Centre.
Ongumphathi waleli qembu, uMnuz. Xolani Majozi uthe i-Ladysmith Black Mambazo Mobile Academy yasungulwa ngenhloso yokuqhakambisa nokutshala lo mculo kubantu abasha. Lesi sikhungo kuwumsebenzi waso ukuthola ithalente elisha ezweni lonke. “Lolu hlelo esilwenzayo sesikwazi ngalo ukunika amaciko asavela ithuba lokuveza amathalente awo, namathuba okuphuma aye kwamanye amazwe”, kusho uMajozi.
“Ngo-2022 kunamaqembu afana ne-Good Fellas neMeduduetshane Basadi esiwathole ngenxa yaso lesi sikhungo futhi akwazile ukuya emazweni angaphandle njengako-UK, ehamba ne-Ladysmith Black Mambazo. Elinye iqembu i-African Mamas lona liye eGhana nase Germany.
“Kulo nyaka isikhungo sisebenzisana ne-Gallo Record Company ukuqinisekisa ukuthi amaciko esizowathola azothola ukuqeqeshwa okusezingeni, ithuba lokuqopha kanye nokudayiswa komculo wawo”, kuqhubeka yena.
I-Ladysmith Black Mambazo Mobile Academy iqale e-Eastern Cape lapho amaqembu amaningi atholwe khona ethole uqeqesho leqophelo. Uhlelo luzoqhubekela KwaZulu-Natali, e-Ladysmith lapho kwazalwa khona umsunguli weqembu, uMnuz. Joseph Shabalala. UShabalala ushone ngo-2020 esePitoli eneminyaka engamashumi ayisikhombisa nesishiyagalombili (78).
Usuku okuzoyiswa ngalo uhlelo lokuqala laKwaZulu-Natali, e-Ladysmith kuqondana nosuku okwazalwa ngalo uMnuz. Shabalala.