ABANTUIzindaba

UNOMZAMO MBATHA UNQOBELE ABASE-AFRIKA INDONDO NGOMDLALO ISHAKA ILEMBE

UBONGELWE abalandeli, ozakwazo kanye nabantu abaqavile emphakathini uNomzamo Mbatha ngokunqoba indondo emkhakheni i-Best African Actress emcimbini wezindondo i-Septimius Awards obuse-Amsterdam eNetherlands. UNomzamo uthole le ndondo ngendawo ayidlala emdlalweni iShaka iLembe yeNdlovukazi uNandi.

Lama-awards ahlelwa ezingeni lo mhlaba wonke inhloso yawo ukuveza umsebenzi wabenzi bamafilimi, imidlalo efundisayo ngemilando, emifushane, eyezingane, eyiqephu kanye newuchungechunge.

U-Desiree Markgraaf oyisikhulu se-Bomb Production kube uyena wokuqala ukuthumela umyalezo wokubongela uNomzamo. “Asibongele leli thalente eliyisimanga @nomzamo_m onqobe i-2024 Best African Actress @septimiusawards Amsterdam ngendawo yeNdlovukazi uNandi ayidlala emdlalweni iShaka iLembe.

Ephendula umyalezo ka-Markgraaf uNomzamo ugxile kakhulu ekuncome iShaka iLembe njengomsebenzi omkhulisile njengomlingisi. “Umsebenzi oshinsthe kakhulu impilo yami”, kusho yena.

Ithimba lalo mdlalo ilona elinqone izindondo eziningi kulo mcimbi njengoba noSheli Masondo ekhale wemuka nendondo ye-Best Costume Design emidlalweni kamabonakude.

I-season yesibili yeShaka iLembe isiyaphekwa kumanje, maduze izobe isikhangiswa njengoba izoqhubeka nendaba lapho uShaka efeza isiphrofethi esabikezelwa sokuthi uyobusa izizwe, nokuyinto eyiqophamlando.

Isikhulu esiphezulu kwa-Multichoice emkhakheni wezikaqedisizungu uNomsa Philiso uthe le nkampani izibophezele ekuxoxeni udaba lukaShaka iLembe. “Ukumenyezelwa kwe-season yesibili yalolu chungechunge lo mdlalo kuqinisekisa ukuthi iyaqhubeka injongo yethu yokuhlonipha iqhawe, iNkosi uShaka .

“Ukuthi nje abantu kuzo zonke izindawo eNingizimu Afrika kanjalo nasezwenikazi i-Afrika bamagange ngomdalo futhi bayaweseka, bayawubuka isonto nesonto kanti bakhuluma ngawo lomdlalo oqhakambisa usikompilo lwabeNguni nomaphi lapho bekhona, lokho kukodwa kuyathokozisa”, kusho uPhiliso

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.