“UMUSA KHAWULA UPHILA NJENGOSHELENI” – ISIKHULU SEJELE
NGOLWESIBILI kwande amahlebezi okuthi unontandakubukwa ohlale exabana nosaziwayo, uMnuz. Musa Khawula ufile. Nokho ngokombiko okhiswe uMnuz. Singabakho Nxumalo okhulumela umnyango wezamajele kuleli uMnuz. Khawula kanalutho, ungaphakathi ejele lapho egwetshwe khona ukuhlala izinsuku ezingamashumi ayisithupha (60).
Kuzokhumbuleka ukuthi uKhawula watholwa enecala lokudicilela phansi isithunzi somuntu emuva kokuba ebhale ekhasini lakhe ku-X lapho athi khona uNkk. Nozuko Mbalula (ongunkosikazi kanobhala we-ANC uMnuz. Fikile Mbalula) ebambisene noNks. Michelle Perrow bakhokha intshontsho ukuze bethole i-tender kahulumeni yemali engu-R150 million phakathi kuka-2013 no-2019.
UMnuz. Mbalula wafaka naye amaphepha enkantolo ku-X ayebhalwe ukuthi uMnuz. Musa Khawula uyalelwe inkantolo ukuthi akhokhele amademeshe ummangali. Kwavela futhi ukuthi uMnuz. Khawula uyalelwe ukuthi akhokhe zonke izindleko zecala zikammangali. Wayalelwa futhi ukuthi asuse yonke imibhalo ehlambalaza ummangali ekhasini lakhe lika-X. Lokhu wayeyalelwe ukuthi akwenze engakapheli amahora angamashumi amane nesishiyagalombili (48).
Njengamanje utholoza ejele ngecala lokuhluleka ukuvela enkantolo i-Gauteng High Court. Wabanjwa waboshwa ngomhlaka-9 Ntulikazi ngesikhathi ezovela enkantolo i-Vredenburg Magistrates Court ngecala lokubulala owesilisa ayenobudlelwane bezothando naye. Uzophine avele kule nkantolo yase-Vredenburg ngomhlaka-2 Mandulo.
Ebuzwa uMnuz. Nxumalo ukuthi yini edale ukuthi kudume ukuthi ufile lo nontandakubukwa uthe: “Uyazi nawe abantu bayathanda ukwakha into okuzokhulunywa ngayo kungenasidingo. Angazi yini ebenza leyonto. Kodwa ngingaqinisekisa ukuthi uKhawula ungaphansi kweso lethu futhi uqhuba isigwebo sakhe.