EzosaziwayoIzindaba

KUBUNGAZWE AMAGALELO KA-ABIGAIL KUBEKA ESAPHILA

AMACIKO nezikhulu emkhakheni wezobuciko bahlangane e-Jorburg Theatre ngoMgqibelo odlule ukuzogubha impilo namagalelo omculi pohinde abe umlingisi, u-Abigail Kubeka (84). Lo mlingisi we-Generations The Legacy owazalwa e-Orlando eSoweto ubehlonishwa ngeqhaza lakhe emkhakheni wezobuciko asebe kuwo iminyaka engamashumi ayisithupha nesikhombisa (67).

Laphana emcimbini obuse Jorburg Threatre wokubungaza amagalelo nempilo kaKubeka bekuhlangene osaziwayo, izikhulu endimeni yezobuciko kanye nabalandeli bakhe.

Ubungabona ubumnandi obebugcwele ihholo lonke, abaculi abafana noLira, Marah Louw, Mdu Masilela, Simmy, Judy Page, Trompies nabanye benandisa.

Isithombe: Bekuhlangene izolo nekusasa, u-Abigail Kubeka no Lira

UMdu Masilela ongumculi weKwaito ngomunye wabaculi abebenandisa okhulume kabanzi ngeqhaza elabanjwa uKubeka no Louw empilweni nasohambeni lwakhe lo mculo. “Ngikhule ngilalela umama Kubeka no Louw, ngiyabonga mama wami obuvame ukuthenga ukuthenga ama-record ezingoma zami. Ngaziwa lapho ngomculo wami e-Afrika futhi nangabantu abaqavile. Angikaze ngicabange ukuthi ngelinye ilanga ngiyoma phambi kwabantu ngikhulume ngeqhaza elibanjwe umama Kubeka kulo mkhakha. Ngiyaziqhenya ukuba ingxenye yalo mbungazo”, kusho uMdu Masilela.

Uthe kubalekile ukutusa iqhaza nomsebenzi womuntu esaphila futhi ezwa naye.

UTebogo Sedumedi ongumqondisi wemicimbi, nomdlali wesiginci se-bass futhi osehlabane ngenqwaba yezindondo naye ubengomunye wabantu abebekulo mcimbi. Uthe umama Kubeka uyisibonelo esihle sokubekezela kanye nokudonsa isikhathi kulo mkhakha onzima wezobuciko, okusikhombisa ukuthi kudingekani ukuze uzimelele kuwo”, kusho uTebogo.

Umcimbi uvale ngegiya eliphezulu umama Kubeka eqhulula amanoni aduma ngawo eminyakeni edlule, ehambisana no-Judy Page bashiye inkundla imagange futhi abanye besafuna impinda.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.