Izindaba

INDODAKAZI KA-EDDIE ZONDI IXOSHWE NGE-‘SMS’ EMSEBENZINI

ITSHELE abalaleli bayo ku-5FM indodakazi ka-Eddie Zondi ongasekho, uKeletso Lula Modiba owaziya kafushane ngoLula Odiba ukuthi uxoshwe komunye umsebenzi abewenza kumabonakude ngomyalezo we-SMS. ULula Odiba ungomunye wabethuli bohlelo lo mculo oludlala esiteshini sikamabonakude i-Channel O Grooves lapho yena, u-Hope Ramafalo noGontshe King Culture bebehlaziya okwenzeka emculweni okungekho emehlweni abantu.

ULula Odiba owenza uhlelo lwasemini ku-5FM, utshele abalaleli bakhe ukuthi uxoshwe nge-SMS abaphathi bakhe ku-Channel O. Bekunguyena obehola ithimba labasakazi kulolu hlelo, utshelwe ukuthi ayisekho imali yokumholela kulesi siteshi. Lokho ube esekwenza isihloko sosuku ngokubuza abalaleli bakhe ukuthi iziphi izindaba ezimbi abake bazithola nge-SMS.

Uqhube wathi akumphathanga kahle ukuthi abaphathi bakhe bengamfoneli noma bembhalele okungenani i-email ukumazi ngezindaba zokumxosha. “Ukuba befonile bekuzoba ngcono”, kusho yena.

Ekhuluma neziko lezi lezindaba elibhala izindaba zobumnandi ukuqinisekisile ukuthi nebala uxoshwe nge-SMS kodwa akathandi ukugxila kakhulu kulokho. “Ngelulekwe umphathi wezindaba zami ukuthi ngingakhulumi kakhulu ngalento”, kuqhuba uLula Odiba.

ULula ulandele ezinyathelweni zika baba wakhe ngokuba semsakazweni. Mayechaza ungenwe uthando lomsakazo esafunda ibanga leshumi nanye (grade 11) ngo-2014, nokuwunyaka okwashona ngawo uyise. Kuthe esikoleni abefunda kuso kunomsebenzi wesifundo i-Life Orientationa yena wakhetha ukulingisa umsakazi odumile u-DJ Fresh njengengxenye yomsebenzi wakhe wesikole.

Kusuka lapho akabange esabheka emuva wabe esejoyina i-YFM. Kuthe ngoNhlangulana washiya, wabhekisa amabombo ku-5FM okumsakazo wabantu abasha.

Kukhulunywa nokhulumela i-Channel O u-Portia Hlongwane uthe akukho angakusho ngoba okwamanje lolu hlelo lusamisiwe. “Uma kwenzeka kuba esifuna ukukusho i-Channel O izonazisa”, kusho yena kafushane.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.