Imibono

YAZISA UYIHLO NONYOKO UKUZE IZINSUKU ZAKHO ZANDE EZWENI

INDLELA umuntu aziphatha ngayo phakathi kwabantu Isikhathi esiningi isuke iveza ukuthi ukhuliswe kanjani. Isikole sokuqala somuntu yikhaya. Thisha wakhe wokuqala umzali okanye kube usingamzali. Umonakalo omningi owenzakalayo udalwa imfundiso embi ebhebhethekayo emakhaya nasemphakathini. Nabantu kabasalesabi ihlazo. Inhlonipho nesineke kuphelile. Ukhiye obalulekile ekukhuleni komuntu Inhlonipho. Inhlonipho iqala ekutheni uzihloniphe wena bese uhlonipha omunye umuntu. Ukuhlonipha akulona neze uphawu lobugwala kepha kuwubuqhawe bokuzazi futhi umazi omunye umuntu.

Uma izwi lenkosi lithi yazisa uyihlo nonyoko alisho ukuthi hlonipha umame wakho nobaba wakho kuphela. Kodwa kusho ukuthi bahloniphe abantu abadala. Bese kuba nomvuzo wokwanda kwezibusiso kuwe. Kuyisibusiso esikhulu ukuzwa umuntu omdala ebonga kuwe.
Uma ukhuliswe kahle kuyazwela nakuwe Uma ubona umuntu imncane echapha umuntu omdala ngenhlamba. Kubi kakhulu uma ezoze ambeke isandla.

Uma uwumuntu wokugwema ukubeka umzali wakho isandla noma ngabe usephambuke kangakanani. Namuhla kukhona umzali othi akazalanga wabola amathumbu. Olokhu basuke bekushiso izenzo ezimbi ezenziwa izingane zabo.

Namuhla ngifisa ukugqugquzela umoya wokuhlonipha. Noma ngabe unemali usebenza kahle kodwa ungakusebenzisi lokho ukucindezela abantu abadala. Ake sibanike indawo yabo mhlampe nezibusiso singazithola. Kulelo hhovisi, kulowo mnyango osebenza kuwo ake ube nesineke kubantu abadala ungabakhaci njengezingane.

Nakubantu abadala ngiphonsa inselelo yokuthi beqaphele Indlela abaziphatha ngayo nabenza ngayo Izinto. ezinye Izinto ziyasiqeda isithunzi sakho njengomuntu omdala uma ungazihloniphi.

Ubuhlakani buyakhulekelwa futhi buyacelwa kuMvelingqangi. UJehova sengathi engehlisela umoya wokuhloniphana phakathi kwabantu. Abafundi bebuyelwe Inhlonipho yokuhlonipha abazali nothisha. Intsha ihloniphe emiphakathini. Sibe amandla okuvikela hhayi awokubulala nokuhlukumeza.
Sengathi umndeni nomndeni ungaba nabantu abayizibonelo ezinhle. Omncane ahloniphe omdala omdala amazi omncane. Amalungelo ayenzelwa ukusikhulula kepha siyakhohlwa ukuthi ilungelo lihamba nesibopho nombandela othile. Ubuntu phambili ukuze sibe yisizwe esikhulayo. Asilwe nobubha singalwi sodwa.

Ungavumi ukufelwa unembeza ngoba lokho kusho ukuthi uJehova uyaqhela kuwe. UNkulunkulu uwuthando kanti lapho kungasenathando khona akahlali. Uthando alukhulumi nabantu ababili kuphela kodwa ngikhuluma ngothando lokumazi omunye umuntu. Ngabe usamthakatha engenze lutho kuwe. Ngabe usambulala engakonanga ngalutho. Sekwanele manje. Kungani wenza ubugebengu? Sonke singabantu siyabuzwa ubuhlungu. Sebenza nawe ube nokwakho. Lomuntu omdlwengulayo uyowelapha ngani umphefumulo wakhe? Uyowathoba ngani lamanxeba obuhlungu obuzwisa imindeni yabantu? Tshala Inhlonipho ngothando enhliziyweni yakho.

Uma singahloniphana okuningi okungalunga emhlabeni.

UJehova abe nawe akwandisele izinsuku zokuphila kanye nezibusiso.

Boni Mahlinza

*UBoni Mahlinza ungusomabhizinisi, umbhali wencwadi ethi ‘Don’t Die In The Cage’ nomqeqeshi wempilo

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.