UTHOLAKELE OKWANTSHONTSHWA UMAZISI WAKHE UKUZE KUBHALISWE OBEKU-MISS SA
INHLOKO ebhekene nokulwa nenkohlakalo emnyangweni wezasekhaya kuleli, u-Advocate Constance Moitse kuthe ngoLwesibili watshela ikomiti sebemtholile owesifazane ekanye nengane yakhe okwantshontshwa umazisi wakhe ukuze kubhaliswe uChidimma Adetshina kuwona lo mnyango. UChidimma intokazi enguzime esuse ukukhuluma ngesikhathi ingenele umncintiswano ka-Miss SA 2024.
Ukukhuluma bekukuningi ezinkundleni zokuxhumana njengoba abantu bakuleli bebengabaza bukaChidimma obekwenza bephikisane nokungenela kwakhe lo mncintiswano wozime. Bekunezinsolo eziqinile zokuthi abazali bakaChidimma akusibo abaseNingizimu Afrika njengoba ubaba wakhe bekuthiwa owaseNigeria kanti umama wakhe owaseMozambique. Lokhu kuholele abahleli balo mcimbi ukuthi becele umnyango wezasekhaya ukuthi wenze uphenyo.
Uphenyo lwesikhashana lo mnyango wezasekhaya lwathola ukuthi kungenzeka ukuthi kwaba nenkohlakalo ngesikhathi kubhaliswa imininingwane kaChidimma kuwona. Kwatholakala ukuthi umama kaChidimma kungenzeka ukuthi wantshontsha umazisi wowesifazane owayenengane encane ngaleso sikhathi ukuze enzele yena [uChidimma] isitifiketi sokuzalwa.
UMnyango ube usubika ukuthi usaqhubeka nophenyo ngenhloso yokuthola ukuthi ubani lona wesifazane okwantshontshwa umazisi wakhe, ukuthola uma kungenzeka kube nabasebenzi balo mnyango ababandakanyekayo kule nkohlakalo nokubheka izeluleko ukuthi kungamele wenze njani ngobuzwe bukaChidimma uma kuba nesiqiniseko ukuthi kwenzeka inkohlakalo ngesikhathi ebhaliswa.
NgoLwesibili kuvele ukuthi kunowesifazane ozalwe ngo-1982, owafaka isicelo sikamazisi ngo-1995 ehhovisi lo mnyango eliseTshwane. Ngesikhathi eseyowulanda lapho ayewubhalise khona kwatshelwa abasebenzi kuleli hhovis ukuthi akayowulanda uGoli, nokuyilapho ayengafakanga khona isicelo.
Kuthe ngo-2001 wabeletha ingane. Uthe ezama ukumenzela isitifiketi sokuzalwa watshelwa ukuthi kunengane esiyenzelwe isifiketi sokuzalwa ngemininingwa kamazisi wakhe. Leyo ngane kwakuwuChidimma.
Kube umzukuzuku ezama ukwenzela ingane isifiketi lomama. Mahlayeni lo mnyango wabe usumenzela umazisi omusha, wagcina ekwazile ukwenzela ingane yakhe isitifiketi sokuzalwa. Umnyango uthe umvakashele lo mama owantshontshelwa umazisi eTshwane. Imininingwane ekumazisi wakhe wokuqala iyefana nekamama kaChidimma ekwimiqulu yomnyango.
Umnyango uthe usubatholile abasebenzi bawo abathathu abathintekayo kule nkohlakalo yokubhaliswa kukaChidimma. Omunye wabo sewashona kanti ababili basaphenywa.
Umama kaChidima usenikwe incwadi emazisa ngentshisekelo yokuphenya ngemininingwane yakhe. “Impendulo yakhe iyona ezocacisa ngesinqumo sokugcina esizothathwa umnyango ngomazisi ongakuyena”, kusho u-Adv. Moitse.
Ngokuchaza komnyango okwamanje uChidimma ungowaseNingizimu Afrika ngokwemininingwane yokubhaliswa kwakhe ngomazisi kamama wakhe owatholakala ngenkohlakalo.
“Kodwa-ke njengoba lo mazisi kusaphenywa ngawo, uma umqondisi omkhulu emnyangweni egcina ewucisha lo mazisi kuzosho ukuthi ukwenziwa kwesitifiketi sikaChidimma nakhe kwakungekho emthethweni. Lokho kuchaza ubuzwe bakhe buyangabazeka ngokomthetho wezwe”, kusho umnyango.
“Yena angakwazi ukufaka isicelo sikamazisi ngoba wazalwa kulelizwe”, kuchaza wona umnyango. Uqhubeka uthe uyamphenya nobaba kaChidimma ngoba kucacile ukuthi naye uyabandakanyeka ekwenziweni kwesitiketi sokuzalwa.