KUHLELWA IGUNUNDU LOKUDODISA AMACIKO
OBENGUMSAKAZI woKhozi FM manje oseyilungu le-Economic Freedom Fighters (EFF), uMnuz. Linda Sibiya uhlela igunundu lokufundisa amaciko ngokuba nombono ngakwenzayo kanye nendlela enhle yokuziphatha. Leli gunundu elibizwa nge-KZN Creative Arts and Music Masterclass lizoba se-Olive Convention Centre, eThekwini ngoLwesine mhlaka-22 Ncwaba 2024 ngehora leshumi (10:00) kuya kwelesine (16:00).
Kuzobe kufundiswa amaciko ngezihloko ezihlukene njengokungamela amakhasi ezinkundla zokuxhumana, ukukhulisa igama, ezomthetho wezobuciko, ukuphathwa kwezimali, amaseko okuphatha ibhizinisi, ukuphatha ezobuciko kanye nokweluleka ngokomqondo esinye sezihloko ezizobe zimunyungwa.
Kuleli gunundu kuzobuye nedili lo mculo lapho kuzonandisa khona abaculi abafana noDumi Mkokstad, Ayanda Ntazi, Phindi P, Xoli Mncwango. Jumbo no Sindi Ntombela.
Ekhuluma neTshisaLIVE umhleli walale gunundu uMnuz. Sibiya uthe inhloso yakhe ngalokhu ukugqugquzela nokuhlomisa abazobe bekhona ngolwazi abaludingayo ukuze bamelane nezinselelo ezikhona kule ndima.
“Siyaziqhenya kakhulu kakhulu ukuba namaciko asephumelele njengo-Ayanda Ntanzi, ongummeli ngokwemfundo, ezoluleka ozakwabo ngezinto ezithinta umthetho kule ndima abakuyona”, kusho uMnuz. Sibiya.