IMI CASA IZONANDISA EMCIMBINI WE-JAZZ
IQEMBU lomculo we-house iMi Casa lizonandisa emcimbini we-jazz obizwa nge-Business Premium Jazz Festival ozoba ngoMgqibelo e-Carnival City e-Brakpan, Ekurhuleni. Lo mcimbi oqale ngo-2013 usukhule kakhulu njengoba usungeminye wemicimbi ekhangisa umasipala ngokuhlanganisa abantu ngomculo we-fusion ne-jazz.
Lo mcimbi ohlanganisa abaculi bakuleli nabaphesheya kwezilwandle, uhlinzeka ngenkundla yokwakha ubungani kanye nokwabelana ngamasiko ezizwe ezihlukene. Uyisigodlo sokwakha izinkumbulo ezingapheli.
Kulo nyaka okungoweshiyagalolunye lo mcimbi wenzeka, kuzobe kuboshelwe izinkakha emculweni ezifana no-Amanda Black, Mandisi Dyantyis, Zonke nayo iMi Casa.
Ngokusho komhleli wawo, uMnuz. Richard M Ramudzuli weThikho Events uthe lo mcimbi uhlinzeka ngethuba lokubonisa izinga eliphezulu kanye namanoni e-afro soul nawe-jazz kubathandi bomculo.
“Kwabazobe benandisa kuboshelwe abantu abathandwayo emculweni kulezinsuku. Abaculi sibafake ngokuthi kukhulunywa kangakanani ngabo futhi esisebenzisana nabo bafunani”, kusho yena.
“Inhloso yomcimbi ukuxuba ndawonye abaculi baseNingizimu Afrika nabasezwenikazi i-Afrika kwi-stage esisodwa. Inselelo iqala uma umculi ozonandisa ukuthola ukuthi uzophinde acule endaweni eseduze kwalona ebikhethiwe esikhathini esifushane nje. Kuyawehlisa umsoco womcimbi kanye nenhloso yalokhu esiqonde ukukuzuza. Lo mcimbi ungowezinga eliphezulu kakhulu, abantu bangalindela into yamehlo futhi bazokwakha izinkumbulo ezingapheli”, kusho uMnuz. Ramudzuli.
IMi Casa engelinye yamaqembu azonandisa kulo mcimbi ihlanganiswe amalungu amathathu ango-Dr. Duda, J’Something noMo-T. Ibunjwe ngo-2011 ngesikhathi amalungu ayefike ngokuhlukana endaweni yobumnandi enquma ukucula ndawonye, kwaba ukuqala kwawo iqembu.