Izindaba

UZIME OBENGAFUNWA ABAKULELI BAMVOTELA UBUTHAPHUTHAPHU ENIGERIA

ABANTU baseNingizimu Afrika benze into edidayo bevotela ngobuningi babo UChidimma Adetshina owayengenele umncintiswano wozime kuleli u-Miss South Africa 2024. Kuzokhumbuleka ukuthi uChidimma wahoxa kulo mncintiswano emuva kwezinkulumo ezadalwa ukuthi abakuleli bengabaze ubuzwe bakhe.

Kwaba nokukhuluma okukhuluma ezinkundleni zokuxhumana lapho abantu bakuleli babefuna ukuba lentokazi ikhishwe ku-Miss SA 2024ngoba bethi ayidabuki eNingizimu Afrika njengoba babethi uyise ungowaseNigeria bese unina abe ngowaseMozambique.

Emuva kokuhoxa ku-Miss SA 2024, uChidimma wanxenxwa inhlangano ehlela imincintiswano yozime eNigeria ukuba angenele u-Miss Universe Nigeria. Abahleli balo mncintiswano bathi lozime akazongenela umncintiswano amele isigodi sakubo kwababa wakhe.

UMKHAYA uthole ukuthi uChidimma ubedlula bonke ozakwabo abanga nabo isicoco sika-Miss Universe Nigeria ngamavoti.

Kulo mncintiswano okuvotwa kuwona ngo-R3 uChidimma usethole amavoti angu-12 014 okusho ukuthi uyena othandwa abantu abaningi abavotayo.

Kuvele kuthi abakuleli ibona abavotela kakhulu uChidimma okuzothi uma enqoba lapha azihambele nemali engu-N10m (R115 752) engu-cash futhi abhekane no-Mia Le Roux ongaboni emehlweni owanqoba u-Miss SA 2024.

Umnyango wezasekhaya eNingizimu Afrika usaphenya inkohlakalo eyenzeka ngesikhathi kushayelwa uChidimma isitifiketi sokuzalwa eminyakeni engamashumi amabili nantathu (23) edlule.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.