UTHI UPHUMELELISWA UMNDENI KANYE NOMTHANDAZO USDUMO MTSHALI
OWAPHUMELELA i-season yokuqala yomncintiswano i-Class Act eyayidlala ku-SABC 1 ngo-2010, uSdumo Mtshali uthi into emphumelelisayo kulo mkhakha wezokulingisa yena umndeni wakhe kanye nomthandazo. Usho kanje ekhuluma nephephandaba i-Sunday World lapho eveze khona ukuthi kusukela ebunganeni bakhe umndeni wakhe ubuvele wazi ukuthi ufisa ukuba yini empilweni.
Lo mlingisi oke wadlala imidlalo yase-theatre uke wabonakala edlala indawo ephambili emdlalweni i-Intersexions ebidlala ku-SABC 1, nokwunyaka owodwa anqoba ngawo i-Class Act. Ukusuka lapho akabange esabheka emuva.
Uchaze kabanzi ukuthi ukwaze kanjani ukubambelela kule ndima yokulingisa iminyaka eyishumi nane (14) yize imidlalo eminingi abedlala kuyona ibinqanyulwa emoyeni njengothi Isibaya obudlala kuMzansi Wethu.
“Umndeni wami nomthandazo ikhona okubambe elikhulu iqhaza ekuthini ngikhule futhi ngizimelele kulo mkhakha kuleminyaka edlule”, kusho yena.
Uthe ugqugquzelwa imidlalo emidala efana noSgudi Snaysi ngenxa yokuthi uyazihlupha ngokufuna ukuthola ukuthi yini eyenza lemidlalo yaphumelela kangaka.
“Ukusebenza nabantu abayaziyo inhloso nombono okubhekwe kuwona kuyasebenzelana. Ngiyafisa ukuthi abantu bebone uNkulunkulu emsebenzini wami futhi bakuqonde ukuthi ubusiswe uyena nokuthi ngilapho engikhona ngesizathu”, kusho uMtshali.
Njengamanje uMtshali udlala emdlaweni oboniswa kuMzansi Magic i-My Brother’s Keeper lapho edlala khona indawo kaDonga. Kulo mdlalo wenza into yamehlo njengoba ejabulisa ababukeli ngezigcawu abangaze bezitshele ukuthi uyazifakela kanti esinye zazo ziyingexenye yekhono lakhe lokunonga umbhalo asuke ewufunda phansi.hulu ukuthi ngiyabaphilisa abantu ngomsebenzi wami, ngakho izindawo eziningi engizidlalayo ziyabaphilisa futhi zibafundise abantu”, kuqhuba yena.
Uthe yize i-Class Act yayenzelwe ukufundisa abantu ukuthi ukulingisa kuyisipho kodwa kunesidingo ukuba kufundise.
“Ngikholwa ukuthi indawo enginikwa yona emdlalweni iye ihambisane nalokhu uNkulunkulu akuhlelile ngami nendlela yami. Kunezikhathi lapho engike ngenze inhlolakhono yendawo ethile emazweni angaphandle ngingathathwa, ngiye ngizitshele ukuthi kusuke kuyintando kaNkulunkulu, ingakho ngiyamukela. Lokhu kungifundise ukukwazi ukuqonda nokuzinza”. kusho uMtshali.
Useziveze njengensika yezokulingisa nentandokazi kumabonakude waseNingizimu Afrika ngenxa yokuqonda ukuthi kungani futhi yini kahlehle ayenzayo mayenza umsebenzi wakhe.