KUBOSHWE IPHOYISA ELIDLWENGULE OBEZOFUNA USIZO ESITESHINI
LIBOSHIWE iphoyisa elidlwengule owesifazane obezokwenza i-affidavit esiteshini samaphoyisa eMgungundlovu. Kuthiwa lesigameko sokudlwengulwa kowesifazane oneminyaka engamashumi amabili nesithupha senzeke mhlaka-15 Ncwaba.
Ngokusho kokhulumela i-Independent Police Investigative Directorate (IPID), uPhaladi Shuping uthe lona wesifazane wahlangana naleli phoyisa emagcekeni alesi sitesh lifake inyufomu ephelele. “Iphoyisa lathembisa ukuthi lizomsiza lona wesifazane, akalilandele beye ehhovisi lalo”, kusho uShuping.
Iphoyisa labe selithi akalinde khona ehhovisi lona wesifazane lona lisayolanda i-affidavit. “Labuya iphoyisa liyiphethe i-affidavit labe seliqala likhomba ukuhalela lona wesifazane. Akahambisananga nokuziphatha kwalo labe selivala isicabha, lakhipha isibhamu somsebenzi lasibeka phezu kwetafula lamdlwengula lona wesifazane”, kusho uShuping.
Uthe owesifazane wafika ekhaya walubika udaba lokudlwengulwa kwakhe kumalunga omndeni, amthatha kwayiwa esiteshini samaphoyisa eMountain Rise ngenhloso yokuvula icala. Udaba lwadluliselwa kwi-IPID, eyabe isiqala uphenyo lwayo olwaholela ekuboshweni kwaleliphoyisa.
NgoMsombuluko livele enkantolo yemantshi i-Pietermaritzburg Magistrate Court ngenhloso yokulalela isinqumo ngesicelo salo se-bail. Inkantolo ilinikile i-bail ka-R5000 kanti icala libe selihlehlela umhlaka-11 Mfumfu kusaqhutshekwa nophenyo.