USINDE KUKUBI U-REBECCA MALOPE EWISWA ZICATHULO EZIPHAKEME
UMCULI wakuleli osenqobe inqwaba yezindondo emkhakheni womculo wokholo, u-Rebecca Malope usinde kukubi ewiswa zicathulo ese-stage emngcwabeni kaZanele Mbokazi-Nkambule obuse-Durban ICC ngoMgqibelo.
“Bengingeke ngigqoke amateki emngcwabeni, manje bekuphoqa ukuthi ngigqoke izicathulo eziphakeme ukuze ngihloniphe umngcwabo kaZanele nokuyizo ezibe imbangela yokuwa kwami”, kusho u-Rebecca.
Ekhuluma neziko lezindaba iTshisaLIVE uthe yize ephoxekile ngalokhu kodwa uyazi ukuthi umngani wakhe uZanele ubezomhleka.
“Izicathulo eziphakeme bezingangimisi kahle, ngigcine sengiwa ngalimala iqakala. Kusukela ngawo uMgqibelo ngithola imiyalezo evela kubangani nomndeni bengibuza ukuthi nginjani manje. Ngicabanga ukuthi ngiyaguga manje umdlandla usuyangiphelela”, kusho yena.
Uthe ubonga uNkulunkulu ngokuthi izinhlelo zokuphekezela uZanele zihambe kahle. “Noma ngiwe amahlanda amaningi kodwa ngibonga ukuthi simfihle kahle nangesizotha uZanele. Umsebenzi awenze esaphila uvezwe kahle ngempumelelo. Ngisazothola ithuba lokuphumula futhi ngithobe iqakalaa lami, ngezigcobo ezizopholisa ubuhlungu nokuvuvukala. Ngibonga nje ukuthi angilimalanga kakhulu”, kuphetha u-Rebecca.