EZISEMATHENIIzindaba

LIZIBULELE IPHOYISA EBELISHAYELA IMOTO ESHAYISE UMUNTU YABALEKA

SELIZIBULELE iphoyisa ebelishayela imoto yamaphoyisa eyashayisa umuntu wesifazane yabaleka emgwaqeni u-Phoenix Highway khona e-Phoenix ngaphandle kancane kwasedolobheni eThekwini ngoLwesihlanu olwedlule. Kuthiwa leli phoyisa lali hamba ngemoto i-Toyota Fortuner enamalambu amaphoyisa okhakhayini ngesikhathi lishayisa uPhumla Mtshali (26) langayimisa imoto kodwa labaleka.

Ngokwemibiko esinayo kuthiwa labe selivula icala lokuntshontshwa kwemoto esiteshini samaphoyisa sase-Phoenix labe seliyishiwa emasimini ezimoba e-Canelands. Ngesikhathi lishayisa lona wesifazane kwaqathaka uqwembe olune nombolo yemoto, labe selithumela umuntu ongaziwa ukuthi alilande.

Ngokuthola kwenkampani yonogada i-Reaction Unit of South Africa (RUSA) iphoyisa elalishayela le moto lingu-Warrant Officer esiteshini samaphoyisa e-Phoenix kanti bese lazisiwe ukuthi liyadingeka futhi lizoboshelwa icala lokubulala ngokungenhloso umama wabantwana ababili.

Kuthiwa iphoyisa lifonele amalungu omndeni alo ambalwa ngaphambi kokuba lizibulale ehhotela (okungavelanga igama lalo) eliseMhlanga Rocks, KwaZulu-Natali ngoMsobuluko ekuseni.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.