ISITABANE ‘SIHOLWE’ KWA MAI MAI SABULAWELWA E-B&B
UMLISA othandana nabanobulili obufana nobakhe udutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu, wafela khona lapho koku ‘holwa’ ngomuye wesilisa ezitshela ukuthi ngowesifazane. Lesigameko senzeke ngempelasonto edlule lapho u-Clement Hadebe (29) wase-Newcastle, KwaZulu-Natali kodwa osezinze eGoli ubezikhiphe nabangani bakhe abangamantombazane kwaMai Mai kuyiSonto.
Kuthiwa kuqhamuke lona wesilisa ehamba nabangani bakhe bathengela ithimba labangani baka-Clement utshwala, kwamnandi kwanjeya. Kuthe sekuzokusa amadoda ahlukaniselana izintombi, kwathie enye wawo yaqoka u-Clement. Ngokuthola koMKHAYA omunye wabangani baka-Clement umlulekek ukuthi aziveze ubulili bakhe bengakayi endlini kodwa wangakwenza lokho [u-Clement]. Lowo mngani ube esengena emotweni yalona wesilisa ukuze ahambe naye u-Clement ukuze ahambe naye endlini ebiqashwe ile ndoda. Nokho indoda imehlisile yathi ifuna ukuhamba no-Clement kuphela.
Kuthiwe befika endlini ebiqashwe ile ndoda, ibe isifuna ukuba kulalwe kodwa u-Clement wala wabe eseyitshela ukuthi yena ungowesilisa othanda abanye abafana. Ilapho ehoshe khona isibhamu yabe isimdubula ngoyaba lwezinhlanu. Uthelwe ekuseni ngoMsobuluko edindilizile egunjini le ndawo ebiqashwe ile ndoda e-Julies khona eGoli.
Ngokusho komunye wabangani baka-Clement uthe lamadoda abenomusa ebathengela yonke inhlobo katshwala abebeyifuna, kubathusile ukuzwa ukuthi lena ehambe no-Clement yenze isihluku esingaka. “Nokho kuyacaca ukuthi ubezitshela ukuthi uhamba nentombazane ngoba uze waqasha igumbi lokulala kwenye yama-B&B.
“Kodwa bekumele amdelele ahambe. Lokhu akwenzile kubuhlungu kakhulu. Ngiyathandaza ukuthi abhekane nobulungiswa ngalokhu akwenzile. U-Clement bekuwumuntu olungile, obephila impilo enhle, lokhu okwenzeke kuyena bekungamfanele”, kusho omunye wabangani.