AKWENZIWE OKUTHILE NGOKUPHEPHA KOTHISHA NABAFUNDI EZIKOLENI
SEKUFANELE umnyango wezemfundo uyisukumele indaba yokuphepha kwabafundi nothisha ezikoleni. Seziziningi kakhulu izigameko ezenzekile ezisishiya sibambe ongezansi ngokuphepha kwazo izikole.
Emasontweni angamangaki edlule sizwe ngesigameko esenzeke eNtuzuma lapho kudutshulwe khona uthisha wesifazane esemagcekeni esikole. Lo wesifazane ogama lakhe kungu Dudu Khumalo udutshulwe amahlandla amahlanu phambi kwabafundi. Kulesi sigameko kuthiwa kungene abantu abangaziwa emagcekeni esikole babe sebevulela ngenhlamvu bebhekise kuye uNkosazana Khumalo.
NgoMsombuluko odlule siphinde sathuswa esinye futhi isigameko naso esishiye abaningi bezibuza ngokuphepha kwezikole kuleli. Kulesi sigameko, ozibiza ngoMphrofethi, uMfundisi Paseka Motsoeneng odume ngelikaMboro ugasele emagcekeni esikole ehlome eyizingovolo. Okungacaci ukuthi ungene kanjani kulesi sikole njengoba yena nababili abehamba nabo babonakale sebegasela emahhovisi aso lesi sikole.
Ziningi nezinye izigameko okungathatha usuku lonke uma ngingaqala ngithi ngiyazibala. Okubalulekile lapha ukuthi umnyango wezemfundo wenze okuthile ngalolu daba. Sekuyisikhathi sokuthi iziphathimandla zisukume zicabange amaqhinga angenza kube nokuphepha ezikoleni. Lokhu kuyodinga ukuthi bathathe izinqumo ezinqala ukuze bezokwazi ukulwisana nalesi sihlava.
Ukwenza isibonelo nje, lapha eGoli kukhona abantu ababizwa ngamaPanyaza (Provincial Crime Wardens). Esinye sesinqumo kungaba ukuthi kube yibo abagada emasangweni ezikole. Noma-ke, umnyango awuqashe abaqaphi abazoba ngaphansi kwawo umnyango kungabi abaphuma ezinkampanini ezizimele. Laba baqaphi kufanele bahlinzekwe ngezinsiza ukuze bezokwazi ukwenza umsebenzi wabo. Ngezinsiza angikhulumi ngezinhlokohlela zezibhamu nje kodwa ngikhuluma nangezinto ezingakwazi ukubenza ukuba baqinisekise ukuphepha emagcekeni ezikole.
Okunye okubalulekile lapha ukuthi umnyango usebenzisane nezinhlaka zemiphakathi ezibhekelele ukuphepha. Ubudlelwane obuhle nalezi zinhlaka kungaqinisekisa ukuthi izikole zethu ziphephile njengoba lokhu kuzobe kusho ukuthi maningi amehlo azibhekile. Lokhu kuzophinde kuqinisekise ukuthi namalungu omphakathi nawo adlala indima ebalulekile ekuqinisekiseni ukuphepha ezikoleni. Yize nawo umphakathi kufanele ukuthi udlale indima, kodwa kubalulekile ukuthi umnyango kube wuwo oqala lezi zinhlelo ukuze kuzoba nokuhleleka.
*USandile Khumalo ungumbhali wezincwadi zesiNguni, intatheli ezimele futhi wenza izifundo zobuntatheli e-Wits University