EZISEMATHENIIzindaba

IMOTO YAMAPHOYISA ISHAYISE OWESIFAZANE YASHAYA YACHITHA

OWESIFAZANE obehamba ngezinyawo ushayiswe imoto yamaphoyisa e-South African Police Service (SAPS) e-Phoenix, KwaZulu-Natali ngoLwesihlanu ekuseni. Kuthiwa le moto ibe isitholakala ishiwe kanjalo emasimini omoba e-Canelands emuva kokuba umlimi efonele onogada be-Reaction Unit of South Africa (RUSA) ngabo-10:12 ewazisa ukuthi ubona imoto eyi-Toyota Fortuner emnyama, engenamuntu esimobeni.

Le moto ibinamalambu akuhlaza avame ukuba sezimotweni zamaphoyisa futhi ine-siren. Okuqaphelekile ukuthi izinombolo zayo bezisusiwe ngaphambili nangemuva futhi ishayisile ngaphambili.

Isithombe: Ilimale kanje imoto yamaphoyisa ebishiwe yodwa esimobeni e-Canelands.

Onogada bakwa-RUSA bafonele amaphoyisa bewazisa ngayo lemoto, bawanika nezinombolo ezisephepheni eliba sefasiteleni le moto elingaphambili. Ithe mayibhekwa kwatholakala ukuthi ibibikwe njengemoto entshontshiwe esiteshini samaphoyisa e-Phoenix. Kube sekuqalwa uphenyo ngayo le moto.

Kamuva kube sekuvela ukuthi ngaphambi kokuba lemoto yamaphoyisa ishiwe esimobeni ibishayise owesifazane obehamba ngezinyawo emgwaqeni u-Phoenix Highway khona e-Phoenix. Emuva kokuba imshayisile ibe seyibaleka ngaphandle kokumsiza lona wesifazane. Uqwembe olulodwa le nombolo yemoto lusale phansi kodwa lwacoshwa umuntu ongaziwa.

Umndeni walona wesifazane ukholwa ukuthi umshayeli wale moto yamaphoyisa ubonile ukuthi uqwembe lwemoto lusale phansi wase ethumela omunye umuntu ukuthi alulande. Ube esebika emaphoyiseni ukuthi imoto intshontshiwe ngoba elahla umkhondo wase eyoyishiya esimobeni.

Njengamanje amaphoyisa e-SAPS aphenya icala lokubulala ngokungenhloso.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.